Umbuzo
Ngingowesifazane oneminyaka ewu-26, ngithandana nowesilisa oneminyaka ewu-29. Sineminyaka eyisithupha sindawonye. Ngo2016 le ndoda iqalile yangijolela yaze yakhulelisa omunye umuntu wesifazane. Saxabana ngathatha isinqumo sokuthi sihlukane kodwa yangincenga yathi iyazisola ngesenzo sayo. Yangitshela nokuthi ayikho into ezimisele ukuyenza nalo wesifazane kodwa izimisele ngami icela ngingayishiyi. Ayi nami ngavuma ngoba ngangisamthanda ngaziwa ngisho kubo ngoba usewahambisile namalobolo ekhaya. Njengamanje ngisola ukuthi bayaqhubeka nokujola futhi kubukeka sengathi umama wengane uyaya ngisho kubo kwendoda mina ngingazi.
Impendulo
Okokuqala sisi wami isoka lakho alikuhloniphi futhi kumele wazi ukuthi basathandana naloyo sisi abahlukene kodwa wenzela ukwehlisa umoya kuwe. Kumele wazi nokuthi impilo yakho isengcupheni ngoba njengoba bekhulelisene nje ayikho into engabenza basebenzise ikhondomu. Uma lowo sisi engaziphethe kahle, nawe usenkingeni. Kusho ukuthi ulikhipha kuwe alifake kuyena lingembethe. Njengoba wavuma ukumxolela nje, uyohlale unenhliziyo ebuhlungu. Angiqondi kungani engakwazanga ukusebenzisa ijazi lomkhwenyana okanye le ngane ubeyihlelile? Noma ngabe ubeyihlelile ke, kodwa kwakumele aqale ahlukane nawe phela. Kunzima sisi wami, ngeke ngikuthathele izinqumo kodwa isoka lakho alikuhloniphi futhi njengoba walixolela, lisazophinde lenze okunye. Kumele wazi futhi ukuthi ngeke lihlukane nonina wengane. Kumele uzibuze ukuthi uzokwazi yini ukumelana nalobu buhlungu, uzokwazi yini ukumelana nokuthi baphinde bakhulelisane enye ingane ngoba nalokho ungenzeka. Thatha isinqumo esozokwenza ukwazi ukulala kahle nasebusuku.