NKOSIKHONA CELE
UFISA ukuzithola umfana omncane ozomthokozisa ngocansi owesifazane waseShowe, osekuphele iminyaka emibili engayi ocansini ngoba umyeni wakhe eludubile.
UNkk Sithembile Ndlovu (39), uthi akakholwa ukuthi umyeni wakhe wafinyelela kulesi sinqumo ngoba ethi akasakwazi ukulala nabantu besifazane ngoba akasabethembi.
Uma elandisa unkosikazi uthi inkinga iqale eminyakeni embalwa edlule, ngesikhathi umyeni wakhe ephoxwa ngowesifazane ayehlele ukumenza unkosikazi wesibili.
Ngokuthola kweSolezwe ngoMgqibelo, loyo wesifazane wamphoxa uMnuz Zenzele Ndlovu (44), wahubhuza amanga wathi ukhulelwe ingane yakhe. Ngokuhamba kwesikhathi uNdlovu wathola ukuthi lo wesifazane usenga ezimithiyo, futhi ukhuleliswe ngomunye wesilisa abethandana naye ngasese.
“Ngosuku athola ngalo ukuthi lo wesifazane ubedlala ngaye wafika wangalala egumbini lethu sobabili, wathi uncamela ukulala yedwa kusofa,’’ kulandisa uNkk Ndlovu.
Uthi akazange anake kodwa uthi waqala waqaphela sekuphela inyanga yonke umyeni wakhe elala kusofa.
“Wathi uyacela ngingethuki kuzogcina kulungile. Ngathula ngoba nganginethemba lokuthi ngempela kuzolunga. Sengiyabona ukuthi ngangizikhohlisa,’’ kuchaza unkosikazi kaNdlovu.
Okudala ukuthi kube muncu kakhulu ngokusho kukaNkk Ndlovu, ukuthi sebeshade iminyaka emihlanu kodwa abanyo ingane. Uthe kuyamxaka ukuthi indoda ingaba nesibindi sokuthi idube ukuya ocansini isikhathi eside kanjena, ekubeni ingenayo indlalifa futhi ingenayo nendodakazi.
Ebuzwa ukuthi ukwazi ukumelana nokungayi ocansini isikhathi eside? Uvele waphendula ngokucasuka.
“Umbuzo onjani lo ongibuza wona. Uma ucabanga ukhona umuntu wesifazane ongamela ukungathintwa yindoda kuze kuphele isikhathi eside kangaka? Impela yichilo leli,” kubhoka uNkk Ndlovu ngolaka
Uma ebuzwa ukuthi uke walingeka yini walala nomunye wesilisa uthe akukaze ngoba ungowesifazane okwaziyo ukuzibamba. Uveze ukuthi kuyimanje kunoBen 10 omeshelayo wathi uma umyeni eqhubeka “edlala” kancane uzolingeka aphisane “ngekhekhe”.
Isolezwe ngoMgqibelo limbuzile uMnuz Ndlovu ngokuduba kwakhe ukuya ocansini, wavuma ukuthi uludubile.
Wathi kodwa le nto seyenziwa ihaba nje kanti izolunga maduzane. Unxuse umkakhe ukuba ahlale ngentombi ngoba sekuzokhanya. Ebuzwa uNdlovu ukuthi wenza kanjani ukuthi aphile ngaphandle kocansi, uthi akasiyena umuntu oyisigqila socansi.
UDkt Siyo Ngobese waseMgungundlovu, owungoti kwezithinta ezocansi, uthe kuyinto ejwayelekile ukuthi abanye besilisa bazizwe bangaluthandi ucansi ikakhulukazi uma kukhona isimo esinzima ababhekene naso. Uthe kulesi simo usola sengathi ubaba ubezifela kakhulu ngalo wesifazane owamphoxa.
“Yize kuyisimo esinzima kodwa bobabili bangasizakala uma bethola ukwelulekwa okubanzi kwengqondo,’’ kusho uDkt Ngobese.