KUYIQINISO elingephikwe ukuthi sonke siya ocansi ngenhloso yokuzithokozisa nokufinyelela kuvuthondaba.Yebo, kuyenzeka ngezizathu ezithile kube khona abaya kulo kodwa bagcine bengafikanga ovuthondabeni, okanye kugcine kufike oyedwa, bese omunye asale endleleni. Ngokujwayelekile owesifazane wuyena ojwayele ukungafiki kwandawo ngenxa yokuthi thina bantu besifazane siyaphuza ukufika empelandaba, ngakho-ke sidinga owesilisa onesineke ukuze kulunge. Ngakolunye uhlangothi bayingcosana abesilisa abanesineke uma besiwotawota, kwazise amadoda amaningi uma induku yawo isimile, ayaxhamazela azicabangele wona wodwa.
Ongoti bezocansi bathi amadoda kumele azi ukuthi ayasilimaza ngokuhluleka kwawo ukusifikisa entanjeni kwazise kubuhlungu uya ocansi ujike ungafiki esiqongweni. Ongoti bathi awukho umuzwa omnandi njengokubona isithandwa sakho sifinyelela kuvuthondaba noma ngabe ngowesilisa okanye ngowesifazane.
Bathi lokhu kuyagqugquzela futhi kunikezana nomfutho kanjalo nokuzethemba ekutheni uyayazi into oyenzayo embhedeni. Bathi kunikezana nogqozi lokuqhubeka wenze ngendlela ekhombisa ukujabulisa isithandwa sakho. Ukufiki ovuthondabeni komuntu ekubeni nizijabulisa akugcini ngokugqilaza imizwa kuphela kepha nomqondo kuyawulimaza futhi kudikibalisa nomzimba, kwazise into esuke imhlupha isuke ingaphumanga, okuchaza ukuthi usuke ezimoshela isikhathi ngokuya ocansini. Nawe wuyajika awusaqedi.
Iningi labantu abazithola sebebhangqa izithandwa zabo yingoba lisuke lingakwazi ukwaneliswa ngokunikwa abakufunayo, bese ligcina lihamba lifuna umuntu ozokwazi ukulifikisa kwandawo. Izazi zize zithi uthi uma ubuntu bakho sebuze bathintwa, okanye badlaliswa kamnandi, kuhle bugcine bulukhiphile uketshezi olukhombisa ukujabula ngokwanele. Akumele uketshezi oluphuma kumuntu wesifazane uma esefika kuvuthondaba lunqwabelane ndawonye lungaphumi ngoba lokho kungagcina kumbanga nolaka, agcine esebhokela ngisho into encane kanti inkinga wukuthi akulunganga.
ELawini LikaMaGumede sifisa ukugqugquzela ukuthi abantu uma bezijabulisa ngokocansi, baqinisekise ukuthi bayafika kwandawo. Yingakho kuthiwa owuqalile umsebenzi makawufeze ngoba awukwazi ukungigxisha isitho sakho mahhala, ekugcineni ujabule wedwa. Sifisa namadoda azinike isineke ngathi, asifunde kahle ukuze ezokwazi ukuthi sifikiswa kanjani. Nabesilisa abanale nkinga singajabula uma bezositshela singabantu besifazane ukuthi yikuphi okumele sikwenze ukuze bagcine bejabulile. Azijabule zonke izinhlangothi bakithi.
ELawini LikaMaGumede ungasibhalela kule email: [email protected]
Okanye usithumele umyalezo kwi- whatsapp: 079 977 1723