Yebo ngiyazi kumnandi ukuthandana nomuntu wesifazane omuhle futhi omi kahle, kodwa iqiniso lithi noma angaba muhle ame kahle kanjani, kumele nakanjani abe naso nesimilo phela.
Kunabantu besifazane abahle kodwa abangaziphethe kahle futhi abanye babo nendlela abacabanga ngayo ayigculisi. Angazi noma yingoba bajike bazigqaje ngobuhle kakhulu yini bese begcina bekhohlwa ukuthi ngaphandle kokuba muhle kodwa kunezinye izinto ezimqoka ezidingeka kumuntu wesifazane nokuyizona ezenza umuntu wesifazane aphelele. Angisho ke ukuthi aphelele endodeni, ngisho ukuthi aphelele nje njengomuntu wesifazane.
Mhlawumbe uke uzibuze ukuthi kungani obaba bethu bagcina beshada omama bethu ekubeni kwakukhona izintombi ezazizinhle ukudlula bona? Impendulo yalokho ukuthi obaba babengenandaba nobuhle kodwa babebheka isimilo nokuziphatha kwentombi, babebheka futhi nokuthi loyo muntu wesifazane angakwazi yini ukwakha umuzi kanjalo nokunakekela umndeni wendoda.
Namhlanje ngifisa ukuthi kubantu besifazane abayeke ukugqamisa ubuhle phambili ngoba nabo uma bubodwa bufana nento engekho nje. Uyazi umuntu wesifazane uba muhle kakhulu uma ezoba nengqondo kanye nesimilo. Namhlanje ngifisa ukuthi kubantu besifazane uma uzazi ukuthi umuhle kulungile yiba muhle kodwa phela yiba naso nesimilo ngoba uma uzogabisa ngobuhle ungagcina usuyibhola labafana futhi bugcine buphela nalobo buhle oqhoshe ngabo, ngoba abafana bayakwazi ukukusebenzisa ugcine usuphenduke isalukazi umncane ngenxa yokuthi wena usebenzise ubuhle nokuzitshela ukuthi wena ufunwa noma uthandwa yiwona wonke umuntu wesilisa.
Kusukela namhlanje bantu besifazane ngifisa nazi ukuthi akusiye wonke umuntu wesilisa othanda izinqa zakho noma ukuthi wena upakishe kanjani bese eyakushada, indoda iyakufuna lokho kodwa ekubheka kakhulu ukuthi unani ephathekayo njengomuntu wesifazane enizokwazi ukuyisebenzisa ebudlelwaneni benu ukuze buye phambili futhi bungamosheki. Ungavumi ukuhlulwa umuntu obuzitshela ukuthi umuhle kunaye ngenxa yokuthi yena unesimilo futhi uyakwazi nokucabanga into ehlakaniphile, ungavumi futhi ukunikela ngomzimba wakho ebafaneni ngenxa yokuthi ubezwa bekutusa bethi umuhle. Sikhathele yilabo sisi abasiqhoshela ngobuhle babo nabazi ukuthi bona bazosebenzisa ubuhle ukuze bakwazi ukuthola noma iyiphi indoda abayifunayo ngoba ekugcineni dadewethu usala nabo ubuhle bakho lobo.
Kubuhlungu ke nokho ukukhishwa othandweni ukhishwa umuntu obuzitshela ukuthi uyamhlula ngobuhle, kubuhlungu futhi nokubona umuntu wesifazane owayezitshela ukuthi muhle esevothokile esephenduke umgodi onganukwanja ngisho amadoda engasamfuni ngenxa yokuthi ayazi ukuthi ubengaziphethe kahle isimilo ubengenaso kodwa ubehamba evula imilenze yonke indawo. Hlakanipha muntu wesifazane, vuka emaqandeni. Ubuhle abulona ithikithi lokuwina indoda kodwa inhlonipho nesimilo. Ukuba muhle kwakho kanye nokuma kahle akube umbhanso endodeni leyo esuke ithe iyakuthanda ukuze ingalokhu ingabaza ukukuthatha ikwenze umfazi wayo. Kulo nyaka sifuna abantu besifazane abangagabile ngobuhle kuphela kodwa abazimiselayo empilweni. Abazihlobise ngemfundo ukuze bazimele. Kudingeka abantu besifazane abaziyo ukuthi indoda kumele ikuthole endleleni uzilungisele wena impilo yakho. Ngifuna nokukugcizelela njalo ukuthi siwususe nalowo mqondo wokucabanga ukuthi siphelele kuphela uma sinamadoda. Asikufake emqondweni nje ukuthi uma umendo ukufica uyobe uyakufica kodwa asiphile impilo yethu sijabule futhi senze izinto ezisiyisa phambili thina uqobo.