UMA kukhulunywa ngocansi, kuyaziwa ukuthi kunephunga elisuke lizohambisana nalo uma seniqedile. Kusuke kunuka uketshezi lwenu ebenilukhiqiza ngesikhathi nishukana. Kungaba wuketshezi lowesifazane noma imbewu yowesilisa, kutholane phezulu kube nephunga thizeni.
Yize ngingeke ngakwazi ukulichaza ukuthi linuka kanjani kodwa lijwayelekile futhi linuka ngendlela efanayo kuwo wonke umuntu. Ngifuna sikhulume ngaleli phunga elivele liqandule libe libi. Kuze kube sengathi linuka njengento eyonakele noma ebolile. Kuba nzima nokuqaphela ukuthi liqhamuka ngakubani phakathi kwenu, kwazise nobabili nisuke nikhiqize uketshezi.
Ngifuna ukunixwayisa ukuthi lelo phunga elibi lisuke liyingozi, lisuke lisho ukuthi kukhona okungahambi kahle kubuntu benu. Ngaphambi kokuthi ngiye kude ngephunga, asiqale sibeke eceleni eyephunga elibi eliye libe khona kowesifazane uma esanda kuphuma ezinsukwini zakhe. Asithi nje, enezinsuku ezimbalwa. Angithi kusuke kusekhona uketshezi esingathi yigazi ebelilokhu lisalela, uma kuphuma leli lesikhathi kowesifazane. Lelo elisalayo eliphuma kamuva, yilona elidala iphunga elibi, okuye kuthi uma nizithokozisa ngocansi ulizwe liqandula. Yingakho nje, iningi labesifazane lingakuthokozeli ukuzijabulisa ngocansi emuva kwezinsukwana umuntu ekade esezinsukwini zakhe.
Asidlule kulelo. Kukhona iphunga elizwakala liqandula elingadalwa wukuthi owesifazane unesifo esithelelana ngokocansi, esikwazi ukuziveza ngoketshezi olunukayo, mhlawumbe naye usuke engalinakile ngoba alizi mawala.
Lelo phunga lingabangwa wukuthi nizithokozise ngocansi kanti benikade nizijulukela imini yonke, kungelokungcola nje komjuluko.
Ongoti baxwayisa ngokuthi kumele niliqaphele iphunga futhi ningalizibi kodwa nilisukumele kusashisa ukuze lingagcini selinidalela izinkinga. Bathi ukuliziba kungadala nokuthi kugcine kungasemnandi ukuzijabulisa ngocansi ngenxa yesicefe sale nto enukayo. Kungagcina sekukhona nokukhombana ngalo.
Kunesinye isifo esithelelana ngocansi esibizwa ngethrush, esidalwa yizinto eziningi kowesilisa nakowesifazane. Ukugeza ngensipho enephunga elimnandi kungayidala inkinga yethrush, inkomo igcine inuka samvubelo kuze kube noketshezi olungeluhle, oluphuma kowesifazane.
Yingakho ongoti begcizelela nokuthi uma niya ocansini ngaphandle kokusebenzisa ijazi lomkhwenyana, kumele okungenani kanye ngonyaka uke ubonane nodokotela wezifo zabesifazane. Ukwenze lokhu noma ungezwa lutho, akuxilonge nje ukuthi ngabe konke kusahamba kahle yini.
Ngaphandle kwalokho, kuwumkhuba omuhle ukuthi ngaphambi kokuzijabulisa ngocansi, niqale nibonane nendlu yengwenya ukuze nikhululeke uma senizijabulisa. Kubi kabi ukuminciswa wukuthi uyazi ukuthi unuka umjuluko, kube nezindawo osabayo ukuthi uthintwe kuzo ngoba wazi ukuthi kungenzeka kunuke kabi.
Okokugcina, kubalulekile ukunakekela izitho zangasese ukuze nigweme izinkinga eziningi.