Umbuzo:
MAGUMEDE ngisesithenjini, imina unkosikazi omncane. Ngiyamthanda umyeni wami, uyasithanda naye futhi usenzela konke njengamakhosikazi akhe. Mina nomamkhulu siyazwama, konke kuhamba kahle. Inkinga iqale lapho khona umyeni wethu esefuna ukuthatha unkosikazi wesithathu. Sihlukene ngemibono nomamkhulu. Umamkhulu uthi yena uyavuma kodwa mina angivumi. Uthi kungani ngingavumi ukulanywa ekubeni mina ngakwazi ukumlama? Inkinga yami ngangizitshela ukuthi sekuzoba imina umagcino manje le-nto iyangihlukumeza, isidale ngisho ukuthi singazwani nomamkhulu ngoba umile kwelokuthi ngisho indoda ingathatha amakhosikazi awu-10, yena akanandaba. Ngididekile futhi ngibuhlungu, ngicabanga nokushiya phansi umendo mina.
Impendulo:
Uyabona njengoba wena wakwazi ukuzongena ekhona umamkhulu, kwakumele ukulindele ukuthi nakuwe bakhona abasazongena emva kwakho. Ngale ndlela ozizwa ngayo ile ndlela umamkhulu ayezizwa ngayo kade etshelwa izindaba zokuthi uzolanywa uwena. Bekezela ntombi emendweni kuyabekezelwa futhi ke okumele ukwazi ukuthi ukuphuma kwakho angeke kuvimbe ukuthi indoda ingasamthatha omunye. Wena nje beka phansi umoya wamukele umnakwenu ozayo njengoba nawe wamukelwa kade ufika. Ungathathi isinqumo ozozisola ngaso kusasa.