Buza KuMaGumede
Umbuzo:
Ngingowesifazane ngihlala emqashweni. Lapho engiqashe khona kunobhuti esintshontshana naye kodwa manje sesiqala ukuthandana ngempela, uyayazi indoda yami nami ngiyayazi intombi yakhe futhi sike sihlale sonke ngamasonto siziphuzele kodwa manje sesiyahluleka ukufihla sobabili ngoba ngisho siya ocansini senginokumuzwa ethi uyangithanda.
Nami sengiyamthanda kodwa inkinga sobabili sithandana nabanye abantu. Ngicela ningiluleke ngingaze ngiyeke umuntu wami ngenxa yomuzwa wesikhashana osazodlula.
Ngiyazi kuyiphutha lokhu engikwenzayo kodwa nami ngihlulwe imizwa.
Impendulo:
Kwesinye isikhathi kuba nesizathu esigcina sixegisa isimilo kumuntu wesifazane, kade ngibheka ngithi mhlawumbe ngizobona la ochaza khona ukuthi kungani usuzizwa uthanda lo mlisa enihlala naye emqashweni.
Ingabe isoka lakho alikwanelisi okanye liyakuhlukumeza? Ngibuhlungu ngento eyokwenzeka emzini womuntu lo eniqashe kuwo ngamhla kwakhona oyedwa wenu obanjwayo. Ngicela nje dadewethu uma ungakwazi uhlukane naloyo mlisa okanye uhambe uyoqasha kwenye indawo ngaphambi kokuthi nibe senkingeni.
Nobabili anibahloniphi ophathina benu futhi le nto yenu inhlansi yesikhashana nje esazophela.
Umbuzo
Ngingowesilisa nginenkinga lana dadewethu ngithandana nomzala wami omama bethu abandawonye, saqala sakudlala ngokuthi siqabulane siphuzile sagcina sesithandana ngempela
Ngikhuluma nje sithandana ngendlela yokuthi uyena umemu wami nalana engihlala khona kwaziwa yena kodwa abazi abantu ukuthi singabandawonye.
Ngiyamthanda naye uyangithanda kodwa nginovalo lokuthi singase sikhulelisane nokuyinto engaziyo ukuthi angeke yehle kahle emndenini yethu ikakhulukazi omama abasizalayo.
Sike sazama ukuyikhuluma le nto sacabanga nokuthi sihlukane kodwa akuvumanga ngoba akuphelanga nesonto sihlukene sabuyelana futhi.
Ngicela ningibonise ngiyenzenjani into enjena?
Impendulo:
Wena nomzala wakho nifana nokuthi nabandawonye njengoba kulamana omama benu.
Idlozi elinibhekile elakomalume wenu lilodwa nengikholwa ukuthi le nto eniyenzayo izonenzela amakhulu amabhadi futhi uma le nto ingafika kubazali benu okanye emindenini yenu, angeke impela kube kuhle futhi iyodala ingxabano enkulu.
Yebo, senizamile ukuhlukana nahluleka kodwa ngokwami ngibona sengathi nisangakwazi ukuhlukana ngaphambi kokuthi izinto zonakale kakhulu.
Kumele nithole usizo lokululekwa ngengqondo nobabili nikhulume nomuntu ongeke anahlulele kodwa ozokwazi ukunibonisa iphutha lale nto eniyenzayo bese niyayiyeka ngaphandle kokuthi kube khona ozonda omunye.
Iyekeni nje le nto ingakafiki emakhaya enu ngoba izodala ingxabano emndenini.
Umbuzo
Ngiyintombazanyane esencane, ngifunda ibanga leshumi kodwa sekwenzeke iphutha ngakhulelwa inyanga iseyodwa ngitholile ukuthi ngikhulelwe.
Angikulungele ukuba umama kwazise ngisafuna ukuphothula izifundo zami ngiye nasesikhungweni semfundo ephakeme, ngaphandle kwalokho angazi ukuthi ubani ubaba wale ngane njengoba ngithandana nabantu abathathu.
Ngiyazi ngimoshile futhi abazali bami bangaphoxeka impela uma bengathola ukuthi ngikhulelwe yingakho ngicela ukubuza ukuthi ngabe ngiyona yini uma ngiyosikhipha lesi sisu singaze sivele?
Okwamanje akwazi muntu ngaso ngaphandle kwami futhi angifisi kube khona owaziyo ngoba anginawo amandla okondla nokukhulisa ingane mina kwamina ngisayingane futhi ngisondliwa
Impendulo:
Bekumele ungabe usabuza nokubuza kodwa uvukele esibhedlela uyobachazela ukuthi uzocela ukukhipha isisu, yimbi le nto oyenzile ikakhulukazi njengoba usemncane kangaka futhi abazali bakho besabheke okuhle kuwe kodwa ngabe ngidlala ngawe uma ngingathi sigcine leso sisu ngoba nawe usewumthwalo ngokwakho uma usubuya kosikhipha.
Ngicela ungisize-ke ntombi ubacele bakujove ngomjovo wokuhlela umndeni ebese uzwana nokusebenzisa ijazi lomkhwenyana ukugwema inkinga efanayo kanye nokuzibeka engcupheni yokuthola izifo ezithathelana ngokocansi usemncane kangaka.
Abafana ababaleki ntombi noma usuqede isikole ususebenza bazobe bekhona futhi uzobabona kahle nawe usunezinto zakho usukwazi nokuzimela.
Ngifisa lingenzeki futhi iphutha elifana nalelo futhi kumele wazi ukuthi akulungile ukuhushulana nezisu kungagcina kukulimaza kwasa wena.
– Elawini likaMaGumede
– Ungaphuthelwa yingosi kaMaGumede kule mpelasonto kwiSolezwe ngoMgqibelo!