NAMHLANJE ngifisa sibheke le ndaba yokukhathala kwamalebe kanye neminyaka ukuthi kuhlobene kanjani. Kuloba uDistance Gumede.
Iningi labantu besifazane abanamalebe bakholelwa ukuthi ayohlezi engumqemane ngaso sonke isikhathi kanti cha akunjalo. Kukhona isikhathi lapho khona nawo ezibeka phansi izintambo.
Ongoti bezocansi baveza ukuthi ngesikhathi owesifazane ekhula, namalebe ayakhathala axege kanti futhi nezinyama noma izindonga zenkomo nazo zisuke sezikhathele nokuchaza ukuthi amalebe asuke engasakwazi ukubhalansa kahle.
Baqhuba ngokuthi uma inkomo yowesifazane isishwabana namalebe aphelelwa umsoco kwazise lamafutha angaphakathi asuke esemuncekile futhi nokuqumba kwawo kusuke sekwehlile ngoba iminyaka isuke isihambile.
Ongoti bathi uma amalebe eseshwabene asuke engasakwazi ukwenza kahle umsebenzi wawo futhi asuke engasabukeki kahle ngenxa yokuthi asuke eselenga.
Ngiyazi omunye uzothi yini yona leyo amalebe futhi yini umsebenzi wawo nokubaluleka kwawo nomaiyiphi indima ayidlalayo?
Amalebe yizinyama ezilenga ngaphansi kowesifazane, awalingani ke ngoba kukhona aba made kakhulu bese kubakhona angemade kakhulu kuya ngokuthi loyomuntu wesifazane uphiwe kangakanani kanti futhi abanye bayakwazi ukuwadonsa ukuze athi xaxa.
Amalebe umsebenzi wawo ukubamba induku yowesilisa ngesikhathi somdlalo omnandi waseLawini, ayibamba sakuyigoqa sakuyimunca njengomlomo uma kwenziwa iblowjob.
Lokho kwenza ukuthi ucansi lubemnandi kakhulu kodwa konke lokho kulele ekutheni umnikazi wawo uwasebenzisa kanjani futhi uwanakekela kanjani. Yize kunjalo, bakhona abesifazane abancane abanamalebe kodwa angasabambi kahle ngenxa yokuthi bayahluleka ukuwaphatha kahle bayawaxhaphaza nokudala ukuthi agcine engasasebenzi.
Akusibona ke bonke futhi abesifazane abanamalebe, kuyenzeka futhi ube nawo angalingani elinye libe lide kunelinye, abanye kuyenzeka babe nelilodwa ilebe.
Yize lezinyama zimnandi futhi owesifazane onazo ethandwa kakhulu abesilisa kodwa ukuvithika kwawo akubi kuhle ngoba ukulenga kwawo akubukeki kahle futhi kwenza nenkomo ibukeke kambi kakhulu.
Ongoti bathi abasho ukuthi owesifazane ongenawo amalebe akekho mnandi embhedeni kodwa bathi uma uqhathanisa onawo nalona ongenawo, impela lona ongenawo akaliboni elidlalayo.
Enye inkinga ngamalebe ukuthi ayathanda ukuhlala edlaliswa njalo yingakho imvamisa yabantu abanawo kubukeka sengathi ucansi balukhonzile futhi abadeli ngoba ahlala ahlale atshikize afune ukuthintwa.
Ukuze ugcine amalebe akho ebukeka kahle futhi esebenza ngendlela efanele kufanele ugweme ukulala nabantu besilisa abaningi abanezinduku ezingalingani, kumele uzijwayeze ukugeza inkomo ngensipho efanele hhayi enamakha futhi uzijwayeze nokujimisa inkomo, ngaleyondlela amalebe akho ayokhathala uma sekushaye isikhathi sokukhula kwakho nawe uyobe usuphelelwe umdlandla wokomela ucansi.
Elawini LikaMaGumede
Ungasibhalela kuWhatsapp enambeni engu: 0799771723
– Le ngosi itholakala kwiSolezwe ngoMgqibelo