ININGI labesifazane elibukeka kahle liyakwazi ukusebenzisa imizimba yalo ukuze lizuze lokho elikudingayo. Kayikho inkinga kulokho ngoba umuntu uyakwazi ukuzithathela izinqumo futhi unelungelo lokwenza noma yini.
Namhlanje ngibone kungcono ukuba sibaxwayise laba besifazane abenza lokhu ukuze bathi bekhala kusasa kodwa bakhumbule ukuthi ngabatshela. Yebo, asiphiki ukuthi bafunwa phansi phezulu, kuhle kwembuzi yomsebenzi. Kuyaziwa ukuthi iningi labo lingophuma langa sikothe, nemizimba ecwebezelayo ethi ngithinte! Bayakwazi lokho nabo kodwa kufanele bakwazi ukuzilawula.
Umzimba womuntu wesifazane kufanele ubeyigugu kuye. Yingakho uma owesilisa ezowubhucabhuca noma ezozitika ngawo, kufanele alobole. Owesifazane kufanele agcine umzimba wakhe ukuze athole indoda emthandayo, nezomshada. Ubuhle bakhe buvuthukele emshadweni. Kodwa esikhathini samanje, owesifazane uyakwazi ukunikela ngomzimba wakhe endodeni angayazi. Abanye bazinikela bangasebenzisi ngisho ikhondomu le. Abanye basuke benzela ukuthola umsebenzi, abanye abangosomabhizinisi basuke befuna amathenda. Kukhona nabakwazi ukunikela ngemizimba yabo ukuze banyuselwe ezikhundleni eziphezulu.
Owesifazane uyakwazi ukuvula imilenze anikele ngenkomo yakhe endodeni engeke imshade ukuze imnike imali, imfundise, imthengele umuzi omuhle noma imoto enkulu ebizayo.
Yize kungesibo bonke abesifazane abahle abagila lo mkhuba kodwa iningi labo liyakwenza futhi liyaziqhenya ngakho. Kuyingozi nokho ngoba ungazithola usungenwa yizifo zocansi. Eqinisweni, ukunikela ngomzimba wakho emadodeni ngoba uthi umuhle kungadala ukuthi usheshe uguge futhi uphelelwe ushatini, ubothoke bese amadoda ayakubalekela. Ugcine usungumadakwana usuchoma into ephashile enganambitheki uthi “mina njalo ngangimuhle ngezikhathi zami”. Bakuhleke abantu bathi le ntombazane yakwaGumede eyayiyinhle, isiphashiswe yini? Abanye kuyabasebenzela kodwa abanye akubalungeli.
Sike sibone nemibukiso ezinkundleni zokuxhumana abesifazane bezinikela emadodeni angaphandle ngenxa yemali. Abanye sibabona bedla indle yamadoda ngenxa yokufuna ukuphila impilo ephezulu enobukhazikhazi. Umzimba uyithempeli likaNkulunkulu futhi uyahlonishwa.
Kukuwena sisi ukuzinakekela nokugcina ubuhle bakho busanganisa wonke umuntu okubukayo. Kukuwe ukuzigcina uzijwayeze nokuzimela usebenzise ubuhle bakho ngendlela eqondile. Nginesiqiniseko lokho okudingayo ungakuzuza.