KUHLUKANA imibono ngomthetho ohlongozwayo ozovumela ukuthi abesifazane bakwazi ukuthatha isithembu samadoda.
Usomabhizinisi wodumo lwesithembu samakhosikazi amane, uMusa Mseleku, uthi labo abaphakamisa ukuthi abesifazane bathathe isithembu kufanele babuyele emuva bayohlaziya kabusha. UMseleku uxoxe neSolezwe ngeSonto ngalolu daba olusematheni, lokuthi uhulumeni angase akugunyaze ukuthi abesifazane bakwazi ukushada nabesilisa abangaphezu koyedwa ngesikhathi esisodwa. Uthi yichilo angakaze alizwe selokhu kwathi nhlo.
“Kuningi abangakubhekanga okubalulekile kulolu daba. Umuntu akaziphileli kodwa unomoya othize ohamba naye. Into yokulingana kobulili bafuna ukuyisebenzisa kabi manje ngoba kuse-Afrika lapha ngeke isebenze lento abayishoyo,’’ kusho uMseleku.
Uthe kuzokwandisa izingane ezizokhula zibe ngamalulwane ngoba zizaleke esimweni esinobunuku. “ Ake ngithi nje uma owesifazane ethatha amadoda amane bese elala nawo wonke akhulelwe, leyo ngane izohamba yengamelwa amadoda amaningi bese konakala ulibo lwayo ngoba inezithunzi zabantu abaningi,’’ kukhala uMseleku.
Uthe njengoba kukhuzwa udlame oluphathelene nobulili nje kulapho luzobhebhetheka khona kakhulu ngoba kuzoliwa njalo kufe abantu. Uthe liyafa elihle kakhulu futhi kumphatha kabi ukuthi kukhona abantu abanesibindi sokukhuluma into enje.
USolwazi Jabulani Maphalala owungoti wamasiko ukhuze wababaza wathi wumuga lo, uthe zonke izinhlaka azisukume zikhuze umhlolo ziyeke ubugwala.
“Akukaze kwenzeke ngisho emandulo, kuyacaca ukuthi sebefuna ukushintsha izwe balenze enye into esingayazi. Izwe liphethwe wuhulumeni wabantu abamnyama, kanti baphethe ini uma kunje?. Azikhulume izinhlaka zobukhosi, amaqembu ezepolitiki nabanye bayeke ubugwala,’’ kusho uMaphalala.
Umsakazi weVuma 103 FM, uJacinta Ngobese, uthe noma engeke yena akwenze lokho kodwa akaliboni iphutha ngalo mthetho.
“ Mina ngithi kulungile impela ukuthi nabesilisa bezwe lento ezwiwa abesifazane ngokuthatha isithembi. Njengoba kuyinto esihlongozwa nginesiqiniseko sokuthi izoba semthethweni. Ngokwami ukubona uma owesifazane engajabulile ngomunye wabayeni bakhe uzokwazi ukuziyela komunye afike ajabule ngendlela afuna ngayo kuze kube nalo omunye unyusa amasokisi. Ngeke kusiphazamise nesibongo ngoba vele kuyilungelo lakho ukusishintsha uma ushadile futhi uyakwazi ukusebenzisa nezibongo ezimbili ngesikhathi esisodwa,” kusho uJacinta. Uthe kukhona asazokubhala eveza umbono wakhe ngalolu daba futhi luyamthokozisa.
Umsakazi woKhozi FM, uTshatha Ngobe, ukhuze wababaza wathi yichilo leli.
“ Umuntu wesifazane udalelwe ukuthi akhongozele imbewu etshalwa ngowesilisa kuyena. Akwenzeki ukuthi kutshalwe imbewu ehlukene endaweni eyodwa. Ngisho ebhayibhelini isithembu simukeleke kowesilisa. Noma kunjalo kodwa ngeke ngibahlulele abakuthandayo lokho ngoba wonke umuntu unelungele lokwenza into ayithandayo kodwa mina ngeke nje ngiyivume leyonto,” kusho uTshatha.
Usomabhizinisi, uNksz Nellie Mkhize, uthe ngeke ilunge eyokuthi abesifazane babe nesithembu.
“ Thina singabantu abazwelayo kakhulu ngeke sikwazi ukumela amadoda amabili. Kwesinye isikhathi umuntu wesifazane uze abe nokhwantalala uma kungukuthi indoda yakhe iyamjolela. Manje singakumela kanjani ke uma kungenzeka ukuthi ujolelwa abantu ababili. Okwesibili thina besifazane singabantu abanothando okungenza kubenzima ukuthi unike abantu ababili uthando. Uma kungukuthi isithembu sakho asiziphethe, ungazithola usuthola nezifo,” kusho uNksz Mkhize.
Usomabhizinisi uJabulani “ Mjey” Zama waseYadini, uthe akufuni nokuyikhuluma lento.
“ Mina nginezingane angibone ukuthi kungaba yinto enhle ukuthi kubekhona engikushoyo entweni enje. Bangakhuluma abanye abangenankinga kodwa mina ngeke ngikwazi ukuyikhuluma,” kusho uZama.