NAMHLANJE ngifuna sichushisane ngendaba yalolu ketshezi oluningi oluphuma sakuqhuma kwepayipi lamanzi uma owesifazane efinyelele kuvuthondaba okusezingeni elikhethekile. Kuloba uDistance Gumede.
Lokhu kubizwa phecelezi nge-squirt. Abantu abaningi lusabadida namanje lolu ketshezi ngendlela yokuthi basekhona abazitshela ukuthi luwumchamo wangempela. Luphuma lube luningi ngendlela yokuthi lingaba uhhafu wenkomishi futhi lenza nendawo enisuke nizithokozisela kuyo ibe manzi kakhulu sengathi kuchanyiwe. Lunjalo nje aluphumi kunoma ubani ngoba bakhona abaluzwa ngendaba.
Lokhu kwenzeka kowesifazane osuke ejabuliseke ngendlela efanele futhi ubumnandi bakhona bungefaniswe nalutho, yingakho uma ufuna ukuzwa lobu bumnandi kufanele uthole owesilisa okwaziyo ukudlala amakhadi akhe embhedeni hhayi oxhamazelayo. Yize lolu ketshezi luphuma lube luningi kodwa alunuki njengomchamo ngoba ngisho sekomile la eliphumele khona kuyabonakala ukuthi bekudlalwa umdlalo wabantu ababili.
Ongoti bezocansi bayakuqinisekisa ukuthi lolu ketshezi aliwona umchamo futhi bayaveza ukuthi aluphumi endaweni yomchamo wangempela kodwa liphuma endaweni yokujabulisana. Yize lingewona umchamo futhi nombala walo ungafani nowomchamo kodwa ososayensi bake baluhlola bathola ukuthi zikhona izinhlayiyana zomchamo kulona kodwa azinuki. Ongoti bathi lolu ketshezi ukuphuma kwalo kusuke kukhombisa ukuthi owesifazane udlile, wasutha, wabhodla wabonga kodwa ke ngebhadi akusibona bonke abesilisa abakwazi ukwenza owesifazane akhiphe lolu ketshezi. Basekhona ke abesilisa abakholelwa ukuthi owesifazane okhipha lo mchamo usuke eyisinyemfu echamela umbhede ngoba wona impela usala umanzi, yingakho kubalulekile ukuthi uma nenza ucansi nibeke ithawula phezu kwamashidi ukuze nigweme ukungcola okungadalwa uketshezi oluzophuma uma senifika kuvuthondaba.
Lolu ketshezi aluyona ke imvula enetha noma ubani. Abanye bagcina ngokulizwa ngendaba yingakho iningi labesifazane ligcina lizidlalisa lona ngomunwe ukuze kufike lobu bumnandi ngoba amadoda amaningi ayehluleka ukusenza simanzise umbhede. Yize kunjalo bakhona babesifazane abashawa amahloni uma beqala ukunethwa ile mvula. Umuntu aze abe namahloni ngoba ecabanga ukuthi usemoshile wachamela umbhede.
Ngakolunye uhlangothi owesilisa okwazi ukwenza owesifazane enze kanje simthwesa iziqu nophaphe legwalagwala ngokuba nesineke wakwazi ukuyifuna ayithole iG-spot yowesifazane futhi wakwazi ukuyinemba ngendlela efanele ngoba phela uma uhluleka ukuthola le ndawana ekitaza kamnandi kowesifazane nemenza athambe uma ithintwa, kuba nzima nokuthi umkhiphise lolu ketshezi. Namhlanje ngifuna ukuthi uma kwenzekile umuntu wakho wakhipha lolu ketshezi, ungathuki kuyobe kuchaza ukuthi uyayazi into oyenzayo enkundleni.
Elawini lika-magumede
Ungasibhalela ku ku- [email protected] okanye ku watsap-0799771723
– Le ngosi itholakala kwiSolezwe ngoMgqibelo