NGIKE ngithule, ngibukele izinto zenzeka ngaphandle. Ngibone amadoda ehlukunyezwa kodwa kungekho noyedwa okhombisa ukuba nendaba naleyo nto. Kunalokho ivele yenziwe ihlaya. Ngamanye amazwi, baqinisile abathi kubukhuni ukuba yindoda! Ibuhlungu lento eyenziwa kobaba nakobhuti bethu. Niyazi nje ukuthi kunamadoda ahlukumezeke emoyeni nasenyameni kodwa angazi ukuthi azobikela bani? Inkinga wukuthi ngeke aluthole usizo kunalokho azophenduka inhlekisa. Kunamadoda alala ngesibhaxu, avuke ngaso futhi ashawa ngabantu besifazane.
Amanye akhethe ukushiya imizi yawo abhunguke ngoba efuna ukuphumuza ingqondo. Ngabe uyazi ukuthi kunendoda okuthi uma kufona umuntu wesifazane itatazele ishiye konke iqonde kuye ngoba iyazi ukuthi alufakwa lubuya nodaka? Amanye amadoda sikhuluma nje, azibazibazi emzimbeni kade kwasa ebhunyelwa ngamanzi abilayo. Amanye awashiswa izimpahla zangaphansi kodwa athule ngoba awazi ukuthi azobika kubani.
Kuyinkinga okwaleli zwe esiphila kulo ngoba amalungelo amaningi avuna thina bantu besifazane nezingane! Yinto enhle ngoba asinawo amandla okuzilwela nokuzivikela. Kuthiwani ngala madoda angakwazi ukuzivikela?
Kuthiwani ngala madoda alala engadlile ngenxa yokuthi umfazi akezwa mshini? Kunamadoda owafica ethaveni edakwe engakwazi nokuma uze uzitshele ukuthi yingoba ethanda utshwala. Kanti cha, umuntu udlala umzwangedwa nokhwantalala, akazi nokuthi uzothi webani asabele kuphi. Ngisho ecabanga ukugoduka ufuna ukuqala aphuze kuqala adakwe ukuze afike ekhaya engasezwa lutho ngenxa yalesi sidlamlilo esingumkakhe!
Kunabantu besifazane abakwaziyo ukubukisa ngendoda. Ngisho ehamba nayo phakathi edolobheni, ekhaya uma kuhlangene umndeni abukise ngayo afune babone abantu ukuthi uyayehlula. Ayikhombe ngeminwe ngoba uyazi ukuthi uyayehlula ngamandla. Konke lokho akunakwa, ngisho sibona ama-video owesifazane eshaya indoda siyahleka, sigigitheke, kube sengathi kuyinto enhle. Kunesigameko sakamuva, lapho owesifazane ongummeli egwaze wabulala umyeni wakhe ongusomabhizinisi. Ezinkundleni zokuxhumana bakhuluma ngakho kodwa okuphambili wukuthi babuza ukuthi lo bhuti obulewe yena ubenzeni? Abanye bathi mhlawumbe usisi ubezivikela. Babili bathathu abakhombisa ukuzwelana nobuhlungu obuziwa umndeni kamufi njengamanje. Ukubulawa komuntu ikakhulu ngumuntu athandana naye, akulungile futhi akwamukelekile.
Yebo, zikhona izinhlangano ezilwela amalungelo amadoda. Kepha, ngibona kumele zinyuse amasokisi ngoba amadoda ahlukunyezwayo awasho futhi maningi. Kukhona ahlukunyezwa ngokufunwa imali njalo. Kumele izinhlangano ziwasize amadoda!
Ngifisa sengathi amadoda ahlukunyezwayo angaba nesibindi abike ezinhlakeni ezifanele, noma emidenini yawo. Ungasabi ukuba yinhlekisa ngoba ngikholwa ukuthi abantu bakini ngeke basizakale ngawe. Ungathuli nento ekudlayo ngoba ungagcina usuthatha isinqumo esingaphusile. Amanye amadoda agcina ezibulala ngoba asuke esebona ukuthi akayindoda yalutho. Bonke abantu bahleka ukuthi uhlulwa ngumfazi.
Ngicela namaphoyisa ayeke ukukwenza ihlaya uma indoda ibika ngokuhlukumezeka. Akekho umuntu ofanelwe ukuhlukunyezwa kuthuleke nje. Ngifisa sikhulume ngezigameko zokuhlukunyezwa kwamadoda yikhona nabesifazane abakwenzayo, bezobona ukuthi akulungile.