UKUYA ocansini isikhathi esiningi kuhambisana nenjabulo nokugijima kwegazi emzimbeni nemicabango emihle ejabulisa imizwa yomuntu.
Lokhu uma kungahambisani noma kukhona lapho kushayisana khona, kwenza kube nzima ukuthi umuntu alulangazelele ucansi. Ukuhlasela kweCovid-19 nokuphila ngaphansi kwesikhathi sikathaqa kuhambisana nezinkinga eziningi kubantu.
Lokhu kwenza abanye abantu bagcine sebegxila kakhulu ekucabangeni ngezinkinga, umqondo ulibalele ngemcabango yocansi nokwenza kube nzima ukuthi izithandani zivukelwe yimizwa yocansi kalula.
Ungoti wezempilo nezobudlelwane uDkt Nomcebo Mthembu uthe yonke imicabango yomuntu ihambisana nokusebenza ngendlela komqondo, lokhu okusho ukuthi uma umqondo ugxile kakhulu ezinkingeni nemizwa yocansi iyacindezeleka ngoba akukho okujabulisa umuntu ngaleso sikhathi.
UDkt Mthembu uthe yingakho behlala bekugcizelela ukuthi abantu bangalushalazeli ucansi uma benezinkinga.
Ukwenza ucansi uthe kungenye yezinto ezelapha umuntu nomqondo uswabuluke kube khona okumjabulisyao phezu kwezinkinga.
"Kunama hormones athintekayo uma wenza ucansi, yingakho umuntu kuba khona ubumnandi abuzwayo nobumjabulisa ezwe nasemzimbeni kumnandi kahle. Ukungalwenzi ucansi ngoba kusenezinkinga obhekene nazo akukusizi, kunalokho ucansi yilona olungasiza ukwehlisa ingcindezi ngaleso sikhathi,"kusho uDkt Mthembu.
Eqhuba uthe uma abantu behlala ndawonye kuyenzeka abanye bagcine sebengalukhuthaleli ucansi noma omunye angabe esasicabangela isithandwa sakhe athathe ngokuthi sihambisana naye ngokwezinkinga zasendlini nemcabango.
"Ucansi ngesinye isikhathi alusho ukuya embhedeni kuphela. Ziningi izindlela zokulenza lwehluke, ukushintsha indawo olwenzela kuyo. Ngesinye isikhathi ningaze nibe sekhaya. Lungaqala ngaphandle, nihambe niyoshaywa umoya epaki noma emnyango egcekeni nibambane ngezandla nixoxe izindaba zenu".
"Imizwa izokhula ngokubambana ngezandla nokugijima kwegazi, indlela enibukana ngayo izogcina ithinta imizwa nizibone seningena enkonzweni yasekamelweni,"kusho uDkt Mthembu.
Ephetha uthe ucansi aludingi ucatshangwa kakhulu nokuhlelelwa ngoba konke kuqala ngemizwa yabantu nemicabango efanele emqondweni womuntu.