Impilo Yabantu Ezothando

Impi kamakoti nomamezala idalwa umona

Published

Impi kamamezala nomakoti indala futhi umsuka wayo owuqondakali kahle.

Ngisho noma umakoti eyalwa kubo uyaye atshelwe ukuthi useya kwamfazi ongemama, kumele athobe, abhekise ikhanda phansi noma ngabe kunjani.

Bambalwa omakoti obezwa bencoma uthando nampatho komamezala babo, iningi likhala ezimathonsi.

Uma ulalela izikhalo eziqhamuka nhlangothi zombili uzwa lokhu okulandelayo:

Umakoti udla imali yomntanami, akasiniki lutho thina.

Umakoti akezi ekhaya, indodana ihlezi ifika yodwa.

Umakoti uyavilapha, uma ungamubekela ukuzipenda ubuso nokuhlalela iTV.

Umakoti akanamthetho, akakwazi ukuhlonipha umyeni wakhe ukhuluma noma ikanjani.

Umakoti uzibona engcono kunawo wonke umuntu ngoba nakhu efundile.

Umama uyixoki, akakwazi ukuyikhuza ingane yakhe uma ingenzi kahle.

Umama usabambelele ebudlelwaneni bakhe nentombi eyasala/umama wengane.

Umama akangiphathisi okwengane yakhe, uyangibandlulula.

Umama uvuna amadodakazi akhe uma edelela noma engenzi umsebenzi wasekhaya, bayekela konke kimina.

Konke lokhu uma ukulalela, kusuke kuyinkombankombane ebonisa ngokusobala ukuthi zimbili izinkunzi lapha, ayikho efuna ukuthobela enye.

Babodwa abathi vele bobabili laba bantu bafika bezogana layikhaya ngaleyo ndlela akekho ongcono kunomunye.

Kuba nzima-ke kumakoti ogane iqanda/intandokazi kamama, ngoba lapho basuke beqhudelana ngokuthola uthando lukasingaye.

Avele abhede kakhulu-ke naye uma eseqala ngokubikela umama yonke into, bethe noma benezinqumo asebazithathile nowakwakhe, uyobe uyezwa indaba isixoxwa egcekeni, sebekugudla ngayo uma uqhamuka.

Uvele ubone ukuthi weeee, awunandoda uzihlalele, umuntu okhala ngokuthi umama uthe, umama uzothini, umama, umama, umama, kahleni-bo!

Kukho konke lokhu umona nomhawu iyonanto ebonakala iyimbangela yokungazwani kwalaba bobabili.

Uma bekungewona umona, ngabe akukho abakubangayo ngoba bobabili, umakoti nomamezala bayamthando lo wesilisa, bobabili bamufisela okuhle nempumelelo, ngaleyo ndlela kufanele ngabe kulula ukubambisana.

Ngeke kwenzeke lokhu ngoba bobabili babheke ukuzuza okungaphezu komunye futhi uyedwa umuntu ongayilamula, noma ayixazulule le nkinga, umyeni/indodana.