UMBUZO: Ngiyinsizwa esithanda ukukhula, ngihlala nomamncane kwazise umama akazange ashade nobaba. Yize ngifike kuyena sengimdala kodwa kona ukhombise ukungamukela kahle.
Lo mama akamdala kakhulu kunami futhi abakabi nangane nobaba. Ubaba usebenza kude mina ngihlala nomamncane kuze kuphele inyanga kuyima kubuya ubaba.
Inkinga-ke umamncane unokungenzela izinto engingaziqondi nje kahle ngoba ngisho egeza uyangibiza angithume enqunu enjalo. Iyangihlukumeza le nto ngoba nami nginemizwa esebenzayo, angazi noma uyangilinga yini ngale nto ayenzayo? Ngizizwa sengimkhanukela nje ngenxa yezenzo zakhe. Ngicela ungibonise ngenzenjani ngale nto?
Impendulo: Lowo ngumama wakho, akunandaba noma ngabe awuzalwa uyena kodwa ngoba ushade nobaba wakho nje ungumama wakho.
Angiqondi ukuthi kungani engakuhloniphi ekubeni uyingane yomfana. Ngiyacabanga ukuthi kufanele ukhulume naye kahle umtshele ukuthi uzizwa kanjani ngale nto ayenzayo.
Umtshele nokuthi uyamhlonipha ngakho-ke awufisi ukuthi kube khona iphutha elizokwenzeka phakathi kwenu. Nginesiqiniseko sokuthi ubaba wakho uthemba wena ukuze ukwazi ukugada umama wakho kuze kube uyabuya, ngakho-ke malingenzeki iphutha elizokuqhatha noyihlo.
Le nto yokuba nemizwa ngomamncane wakho ngicela uyizibe nje ngempela futhi kungangcono nawe uzitholele intombi yakho yikhona ungazonaka izinto eziningi. Ilungise le nto ingaze ifike kuyihlo.
Umbuzo : Ngingowesilisa nginenkinga, ngisola sengathi usisi engithandana naye ikhona into angenze yona. Yebo ngiwumuntu onothando ngiyazazi kodwa indlela engimthanda ngayo yena idlulele kunale engake ngathanda ngayo nabantu engidlule kubo.
Asihlali ndawonye, ufika ngokuzovakasha kodwa njalo uma esehamba kuvele kuthi angikhale kakhulu ngithi angahambi noma ngihambe naye.
Ngifisa nokuyohlala naye kubo ngendlela engimthanda ngakhona. Ngisho ngingamtholi ocingweni ngiyahamba ngiyoma esangweni kubo ngimqalaze noma ngingene kubo ngizicelise amanzi.
Lolu thando aluhambi lodwa ngeke, yize engisanganisa kodwa kuyenzeka ingqondo ibuye ngizibuze ukuthi yini ndaba ngamthanda kangaka?
Ngiyafisa ukumlobola ngimenze umkami kodwa manje ngibona sengathi ngizogcina sengiyisithingithingi sakhe. Ngicela ungibonise ngenzenjani?
Impendulo: Akulungile ukusola umuntu ukuthi kukhona akwenze kona ekubeni ungakaze umbambe. Ayikho into eyiphutha ngokuthanda umuntu naye okuthandayo. Ngicabanga ukuthi uma kukhona okusolayo kuzomele usukume-ke kube khona okwenzayo. Mhlawumbe umsola nje akakwenzanga lutho wena uzidlalela uthando nje. Kungakuhle futhi umlobole ukuze usheshe umsondeze eduze kwakho. Lokho kuzokusiza ukuthi ungalokhu uyoma esangweni kubo uze ugcine usuzicelisa namanzi.
Umbuzo :
Ngingowesifazane osekhulile, ngishadile kodwa umyeni wami akasakwazi ukunganelisa kahle enkonzweni yaselawini kanti mina ngisahashuka. Kamuva nje senginomkhuba wokuthenga abafana abancane engibathola ezinkundleni zokuxhumana.
Le nto isize yangijova ngoba akusavumi ngiyiyeke kanti ngiyasaba ukuthi uma kungenzeka umyeni wami angibambe kungaphela ngomshado wami.
Ngiyamthanda kodwa manje angikwazi ukubekezelela indlala yocansi. Ngicela ukubuza ngabe ngiyona yini uma ngithola umfana ozongisiza oyedwa ngihlukane nale nto yokulokhu ngiyothenga ngoba ingimoshela nemali?
Impendulo: Yize ngingazi ukuthi yini edala ukuthi umyeni wakho angabe esakwazi ukukujabulisa elawini ngoba ngikholwa ukuthi owesilisa uyaphuza ukuyeka ukuhashukela ucansi kunowesifazane, angiboni kuyinto elungile ukuthi uthenge ngoba kuzogcina kungavumi uyeke.
Nakhona futhi ukuthi uthole umfana ozokujabulisa angikuvumi ngoba lokho ukungathembeki kumyeni wakho nokungagcina ngokuthi umbuyele nezifo.
Ngicela uhlale phansi nomyeni wakho uxoxe naye ngale nkinga, mhlawumbe into edala ukuthi angabe esakwazi ukukujabulisa yinto encane esengalungiseka.
Mhlawumbe nje yinto edinga odokotela, ngakho-ke ngicela ungamyekeleli umyeni wakho kodwa umkhathalele ukuze niqhubeke nijabule ngaphandle kokubeka impilo nomshado wenu engcupheni.
Ayikho into eyihlazo nokumele ifihlwe uma nithandana, ngakho-ke uwena ozokwazi ukusiza umyeni wakho kule nkinga abhekene nayo ngokuthi umlekelele.
- Elawini likaMaGumede