Umbuzo: NGINGOWE SIFAZANE oneminyaka emibili eshadile nomyeni onezingane ngaphandle. Inkinga ukuthi abangihloniphi omama bezingane zakhe, bafona noma yinini bakhulume noma ikanjani nami. Uma ngitshela umyeni wami ukuthi angiyithandi indlela abenza ngayo uvele afune ukungishaya.
Ngikhathazekile kakhulu ngokungakwazi kwakhe ukulwela umshado wethu kunaloko ulwa nami.
Igama ligodliwe, eKapa.
Impendulo:
Unalo lonke ilungelo lokwazisa umyeni wakho ngento ongayithandi. Njengomyeni wakho kungumsebenzi wakhe ukuthi akuvikele komama bezingane zakhe. Ngakho siyamsola kakhulu umyeni wakho ngale senzo. Kodwa noma kunjalo kuhle ukuthi nawe ukhulumisane kahle naye ngalolu daba. Kwesinye isikhathi izinto azilungi ngoba abanye abantu besifazane abanayo indlela nobuciko bokukhuluma. Ake ubhekisise indlela okhuluma ngayo naye uma nikhuluma lolu daba, isuke injani imimoya yenu?
Ake nje ngelinye ilanga ucele ukuthi nike nishaywe umoya bese uyamtshela ukuthi kunodaba ocela nililungise. Ukuthokoza kwakho emzini wakho kubaluleke kakhulu futhi ungavumeli abantu bangaphandle bangene phakathi kwenu. Ehlisa umoya mawunyuka owomyeni wakho. Ekugcineni uzobona ukuthi awuqonde kubhidliza kodwa ufuna nihlale ngokuthula emzini wenu.
Umbuzo:
Ngingowesifazane oneminyaka engu-31. Sineminyaka ewu-10 sithandana nobaba wabantwana bami ababili. Inkinga ukuthi hlezi ngimthola esephutheni elifanayo lokuqonywa. Okungixakayo ukuthi uqonywa ngabantu engibaziyo nengisondelene kakhulu nabo. Usethandane namantombazane amathathu engiwaziyo nengikhonza nawo. Ngikhuluma nje uphansi phezulu nomngani wami uyamfonela, bathumelelana oWhatsApp.
Angisamthembi kodwa angazi ngenzenjani ngoba inhliziyo ayivumi ukuthi ngimshiye. Igama ligodliwe, Hammarsdale
Impendulo:
Inhlonipho nokuthembana kubaluleke kakhulu kulaba abathandanayo. Kusobala ukuthi ubaba wabantwana bakho akazazi zombili lezi zinto. Asikusoli ngokungamthembi kwakho ngoba usekugile kakhulu.
Asisho ukuthi ubaba wabantwana bakho ngeke alunge ngelinye ilanga kodwa kuzothatha okukhulu ukuzimisela nokukukhombisa ukuthi akaseyena lo omaziyo.
Siyazwelana kakhulu nabantwana benu kodwa ikuphi okungcono phakathi kokuthi abantwana bakubone ungathokozile ngazo zonke izikhathi futhi banibone nixabana kunokuthi bangabi nobaba wabo eduze kodwa mebe bonana kube mnandi?
Kuzomele umnqumele ugwayi katiki nawe. Kuzomele ashintshe indlela yokwenza mayefuna ukuba nomndeni wakhe. Mayeqhubeka akekho ongakusola ngokuzikhethela impilo engcono.
Umbuzo:
Sineminyaka eyisithupha sishadile nomyeni wami, asinabo abantwana emshadweni kodwa mina ngifike noyedwa yena wafika nababili. Ngonyaka odlule ngathatha isinqumo sokuthi bonke abantwana bethu bazohlala nathi.
Sihlalile kahle kuqala unyaka kwaba mnandi nami sekukhona abantu abangisizayo endlini. Inkinga iqale lapho sezixabana zodwa izingane kangangokuthi enye yezakhe yaphindela kumama wayo sekuphakathi nonyaka ngenxa yengxabano.
Emva kwesikhathi yaphinde yabuya sebexolelene. Kuthe ngingazelele izingane zakhe zahlangana ngami kubaba wazo zathi mina ngithengela ingane yami kuphela izingubo, okungelona iqiniso.
Umfana wami ubenokubuya nezingubo ezintsha uma evakashele ugogo wakhe.
Lwaqala lapho uqhekeko endlini kwangabamnandi ngoba nomyeni wami ubesethengela izingane zakhe kuphela ashiye eyami ebekuyinto ebiyihlukumezeka kakhulu ingane yami.Ngenzenjani mekunje?
Busisiwe, eThekwini
Impendulo:
Le nto yenu niyiqale kahle, nazoyona ekugcineni. Kwakuwumqondo omuhle ukuhlala nabantwana benu bonke ukuze nikwazi ukubenzela izinto ndawonye nangokulingana.
Kwakumele nawe ungavumi ukuthi ugogo athengele umzukulu wakhe kuphela ngoba lokho kuzokwenza ezinye izingane zibone zinganakekelwa zona. Mhlawumbe owawungakwenza kwakungukuthi ubathengele wena eceleni abomyeni wakho uma ubona ukuthi ugogo uthengele owakho kuphela.
Hlalani phansi nomyeni wakho nivumelane ngendlela nezikhathi enizothengela ngazo abantwana benu bonke.
Isikhathi la ningakwazi ukujabulisa umntwana oyedwa ngesikhathi kungaba usuku lokuzalwa lwakhe.