Umbuzo:
NGONYAKA odlule, ngihlangane nowesifazane besingathandani kodwa saloke sibonana waze wakhulelwa. Ngizame ngawo wonke amandla ukumbonisa ukuthi kungcono asikhiphe isisu ngenxa yesimo sezimali kodwa wala waphetha. Manje sengihlangane nowesifazane engimthandayo kodwa anginaso isibindi sokuveza indaba yale ngane ezayo.
Ngingaphumela kanjani obala ngale ndaba ngaphandle kokuhlukumeza isithandwa sami?
Samkelo, Kokstad
Impendulo:
Ukuziphatha kuyinto ebaluleke kakhulu ngoba ngabe awukho kule nkinga okuyona namhlanje. Kusobala ukuthi uyamthanda lo wesifazane ngakho-ke kubalulekile ukuthi uphumele obala ngendaba yengane. Kungcono iqiniso liphume manje kunokuthi liphume emva kwesikhathi.
Ngeke sikukhohlise kuzoba nzima kuyena ukwamukela ukuthi unomntwana ongazange umtshele ngaye ekuqaleni nofike ngale ndlela afike ngayo kodwa ukuqhubeka nokumfihla ngeke kukusize ngalutho. Phumela obalo ngokwenzeka phakathi kwakho nonina womntwana nokuthi awumtshelanga zisuka ngoba wawusaba ukuthi angakushiya mawumtshela iqiniso.
Sinifisela okuhle.
Umbuzo:
Ngo-2017 ngithole ukuthi ngiHIV positive. Ngoba vele bengithandana nomuntu oyedwa isikhathi eside futhi ngithembekile kuyena ngamtshela lezi zindaba wathi uzoya naye kohlola. Emva kwezinsuku wangitshela ukuthi usehlolile wathola ukuthi yena uHIV Negative okwangixaka kakhulu ukuthi kwenzeka kanjani.
Emva kwaloko akabange asalubamba ucingo lwami ngaze ngathola ukuthi usehlala kwelinye idolobha. Uze waqala ukungithinta kulo nyaka emva kweminyaka emibili yonke ngagcina ukukhuluma naye ecela ukuthi sibonane ekuyila aphumele khona obala ngokuthi naye unalo igciwane ukuthi wayesaba ukungitshela.
Okungixakayo ukuthi emva kokunyamalala sonke lesikhathi usebuya esecela sibe nengane. Uthi uyalwazi nje usizi asengidlulise kulona. Uyazi ukuthi uyibulele impilo yami ngokungifakela lesi sifo ngikade ngiziphethe kahle.
Ngizwa ngifikelwa okukhulu ukudinwa mangicabanga ngale ndaba.
Okhathazekile, eThekwini
Impendulo:
Ukuthola ukuthi unegciwane lengculazi akuyona into elula. Kusobala ukuthi isoka lakho like ladideka emva kokuthola ukuthi kanti nalo linalo igciwane.
Ukwazi ukuthi uthelele omunye umuntu ngegciwane kunzima kakhulu. Kusengenzeka ukuthi kule sikhathi abenyamalale ngaso ube nesikhathi sokucabanga ngakwenze kuwena.
Iminyaka emibili isikhathi eside kakhulu ningekho ndawonye ngakho kubalulekile ukungajahi indaba yokuthola umntwana, uke uthole ukuthi ngabe isoka lakho lisewulomuntu elalinguye ngaphambi kokunyamalala. Nidinga nokuyolulekwa ngengqondo ukuze nikwazi ukukhuluma loku okunikhathazayo. Sinesiqiniseko sokuthi kuningi ofuna ukukusho kuyena njengomuntu okholelwa ukuthi wakufaka lesifo. Sinifisela inhlanhla.
Umbuzo:
Nginenkinga kankosikazi ongangithembi. Ngike ngangathembeka eminyakeni edlule futhi ngalibona iphutha lami ngashintsha.
Manje usenokuqhela kimi noma sizixoxela akanginaki umane anake abanye abantu beselokhu engikhumbuza ngabantu engake ngathandana nabo okungiphatha kabi kakhulu ngoba mina sengibheke yena yedwa manje.
Okubuhlungu kakhulu ukuthi angisenalo izwi kuleli khaya, sesizwa ngabakubo ukuthi sibheka ngakuphi. Ngiyamthanda futhi ngiyazi ngamzwisa ubuhlungu ngesenzo sami.
Akukuhle neze emzini wami. Ngisho ucansi seliyivela kancane.
Igama ligodliwe, EC
Impendulo:
Kuhle ngoba uyasazi isizathu esenza ukuthi unkosikazi wakho angakuthembi. Kuhle ukusho ukuthi ushintshile kodwa unkosikazi wakho kumele azibonele yena ngezenzo ukuthi usuhamba ngolunye unyawo. Ukuqhela okubona kunkosikazi wakho kukhombisa indlela ahlukumezeka ngayo ngesikhathi uphuma emshadweni wenu uyobheka ngaphandle.
Sisola ukuthi kuningi eningazange nikukhulume nonkosikazi wakho emva kokwenzeka kunina ngakho kunezinto eziningi ezisele.
Sibona kungakuhle maningazinika isikhathi nike nihlale phansi nikhulume ngokwenzeka phakathi kwenu.
Khombisa ukuzisola ngesenzo sakho umtshele ukuthi uthanda niqale izinto kabusha ngoba uzimisele ukulungisa izinto phakathi kwenu.
Khumbula nokuthi umndeni wakubo ubuseduze kakhulu naye ngesikhathi wena usagijima ngaphandle okwenze basondela kakhulu eduze kwakhe.
Sithumele imibuzo yakho ku:[email protected]
Nisilandele ku Mo&Phindi on Facebook and Instagram