Umbuzo:
KONKE bekuhamba kahle phakathi kwami nonkosikazi wami. Izinto ziqale ukushintsha mangabe sekuqala ukungahambi kahle emabhizinisini ethu. Unkosikazi akasangazi nokuthi ngiwubani. Sihleze sixabana ngemali. Unokungifuna izinto azikahle kamhlophe ukuthi anginawo amandla azo. Ngibona sengathi imali isingene phakathi kwethu ngoba sasingaxabani ngale ndlela sisenemali. Ngenzenjani?
Igama ligodliwe.
Impendulo:
Kubuhlungu ukubona ikhaya ebelihlangene lidungeka ngenxa yemali. Kodwa isikhathi esiningi izinto zoniwa ukungakhulumi. Asazi noma unkosikazi wakho uyazi ukuthi nibhekene nayiphi inkinga. Kodwa kumele asazi isimo njengoba sinjalo. Akekho unkosikazi ozimisele ngomshado wakhe ongaphikelela efuna izinto esazi isimo sasekhaya.
Umbuzo:
Nginenkinga yomngani womyeni engimazelayo okwenza ngingakhululeki ngokuzwana kwakhe nomyeni wami. Nginobufakazi bokuthi akathembekile kunkosikazi wakhe okwenza ngizibuze ukuthi yini esile azoyikhuluma nomyeni wami.
Ngabe likhona yini iphutha mangingenelela kulobu bungani babo noma ngithembe umyeni wami?
Okhathazekile, North Coast
Impendulo:
Umhlola kumele niwuxoshe usesemnyango. Yingakho thina sibona ukuthi kufanele ukhulume nomyeni wakho.
Kungakuhle ube nobufakazi bokungathembeki komngani ukuze umyeni wakho angaziboni sekumele akhethe umuntu ekumele amthembe. Sikholwa ukuthi kubalulekile ukuthi uphila nabantu abanjani. Kwesinye isikhathi kuhle ukuziqhelelanisa nezinto zisekude noma akhulumisane nomngani wakhe ukuze ashintshe indlela yokwenza.
Umbuzo:
Ngiyibhungu elineminyaka ewu-23. Nginenkinga yokubanovalo mekuza kubantu besifazane. Ngesaba ukushela noma sekukhona izindlela umuntu wesifazane angikhombisa ngazo ukuthi angishele kodwa ngivele ngiphelelwe amazwi.
Le nto isingenze ngaqhelelana nontanga yami ngoba mebekhuluma ngamantombazane mina angazi ngizothini.
Okhathazekile, KwaNongoma
Impendulo:
Sibona ukuthi into engakusiza la ukuthi uzame ukumujwayela kuqala lo muntu obona sengathi uyamthanda. Ungavele umdilike ngezothando zisuka nje ngoba sengathi loko kukushayisa ngovalo. Usungamazisa umuntu ngendlela ozizwa ngayo mangabe senijwayelene. Thatha isikhathi sakho uzazi wena futhi ubujabulele ubuwena. Emva kokuzazi nokungazifaki phansi kwengcindezi kontanga, uzobona sekulula ukuzibika kubantu besifazane.
Umbuzo:
Ngisafunda isikole ngakhulelwa ngikhuleliswa umakhelwane oshadile. Ngafihla ngangasho ekhaya ngoba ngisaba, baze bagcina bengasangibuzi lutho kuze kube manje. Inkinga manje ingane yami isikhulile isiqala ukungibuza imibuzo ngobaba wayo, angisazi ukuthi ngizoyibalekela kanjani futhi le ndaba. Okungicasula kakhulu ukuthi ubaba wayo ingane uyangibuka nje, ngikhulisa ingane ngedwa ekhona.
Ngenzenjani?
Igama ligodliwe, Port Shepstone.
Impendulo:
Kusobala ukuthi lesi nqumo wasithatha usemcane futhi wesaba nehlazo owawuzofaka umndeni wakho kulo. Wenza owawukubona kulungile ngaleso sikhathi. Ayikho into ekuvimbayo ukuthi uphumele obala ngowakwenza futhi uxolise nangesenzo sakho. Emva kokuhlala phansi nomndeni wakho usungadlulela emntwaneni wakho wenze okufanayo. Ukuphumela kwakho obala kuzokwenza ubaba wengane athathe indawo yakhe njengomzali ngisho eshadile.
Xhumana nathi:
Facebook: Mo & Phindi
Instagram: Mo & Phindi
Email: [email protected]