Umbuzo
SAWUBONA sisi MaGumede. Ngicela ungisize dadewethu ngibhekene nenkinga lapha. Ngingowesifazane osemncane. Ngikhuliswe ngubaba nomama omncane kodwa umama wami usekhona, wukuthi nje akashadanga nobaba futhi uma ngizwa sengathi baba nengxabano nobaba, kwagcina sekuphoqa ukuthi umama azongishiya kubaba. Yebo, ngikhule ngingamazi umama ngoba ubengangibheki kodwa ngikwazile ukumthola sengikhulile futhi ngiyamthanda. Siyaxhumana cishe nsuku zonke. Manje ngizolotsholwa, inkinga ubaba nomama omncane bathi abamfuni umama emcimbini wami. Bathi futhi ngeke athole lutho. Leyo nto ingizwisa ubuhlungu ngoba ekugcineni kosuku ungumama wami yize engangikhulisanga. Ngididekile. Angazi ngenzenjani kulesi simo esinjena ngoba le nto ingizwisa ubuhlungu ngempela. Ngicela ungibonise dadewethu.
Impendulo
Sawubona dadewethu. Ngiyazwelana nesimo obhekene naso, yize umama wakho engazange akukhulise kodwa lokho akushintshi ukuthi uyohlezi engumama wakho. Asiyazi thina ingxabano eyaholela ekutheni aze akhethe ukuyokushiya kubaba wakho. Ngicabanga ukuthi usukhule ngokwanele ukuthi nawe ungaba nezwi kule nto. Kungaba kuhle ubahlalise phansi abazali bakho, ubatshele ukuthi uzizwa kanjani ngale nto, uphinde ubacele ukuthi babize umama wakho bazoxoxa, bathelelane namanzi, bese naye kuba khona akutholayo ngawe ukuze angabi nenzondo ephindiwe. Futhi-ke uma ubaba wakho engakuhlawulanga konyokolume akanalo ilungelo lokudla zonke izinto yedwa ngoba eqinisweni wena ungowakonyokolume. Abahlale phansi , le nto bayilungise njengabantu abadala ukuze nawe uzojabula. Ngikufisela inhlanhla.