BEKUQHUMA umkikizo namafoni esemi ngomumo ukuthwebula ngesikhathi owesilisa ekhipha indandatho esitolo sokudlela efuna ukucela othandiweyo wakhe umshado.
Bonke abantu abebeseMcDonalds bebelangazelele imiphumela emihle yalokhu, kodwa akubanga njalo. Intokazi ebinikwa indandatho idinwe yathelwa ngamanzi.
Ibonakale icasuka, ithethisa umlisa wendandatho ngenxa yesenzo sakhe yase iqhubeka nekwenzayo nomdayisi. Ithe isuka intokazi yavele yahamba kule ndawo, yamshiya kanjalo umlisa.
Abantu bazwakale sebemnxesezela umlisa naye eselandela ngemuva nenqola yegilosa.
Ezibuhlungu azipheli, yobe muntu wabantu. @IsolezweNews pic.twitter.com/KwtT7iT1ox
— Nonku Nhlapo (@NduNhlapo) April 28, 2022