Impilo Yabantu Ezezimoto

Uphelele umndeni weMini kufika i-Aceman

Fanelesibonge Bengu|Published

Mini IMini Aceman ikhanyisa ngamalambu angamaLED ngaphambili nangemuva

Image: Sithunyelwe

IMOTO: MINI ACEMAN

UPHELELISIWE  umndeni weMini eNingizimu Afrika ngokwethulwa kwe-Aceman engawulokothi nhlobo uphethroli kodwa ehamba ngogesi webhethri.

Uzokhumbula ukuthi phambilini baletha iMini Cooper ngokuhlukana kwayo ngezinhlobo kwase kulandela iMini Countryman.

Yize iMini Cooper neCountryman zitholakala ngenenjini kagesi nekaphethroli kodwa i-Aceman ihamba ngogesi kuphela.

Ihlukene ngezinhlobo ezimbili okuyi-E neSE.

I-E inebhethri ilingu-42.5 kWh abathi uma lishajwe lagcwala ungahamba u-300km. Ukwazi ukuyishaja kwiDC charger ngamandla angu-75kW futhi kwesheshayo kuthatha imizuzu engu-29 ukusuka ku-10 iye ku-80%.

Kwishaja eyi-AC, okuwugesi wasendlini, kuyithatha amahora angu-4h25 ukuthi igcwale. Ngisale sengikuveza ukuthi uma uyithenga bakufakela isigubhu sikushaja kwakho.

Amandla ayo angu-135kW ne-torque engu-290Nm.

I-Aceman SE yona ngakolinye uhlangothi inebhethri elithe xaxa kanjalo namandla. Ibhethri lingu-54.2 kWh kanti ukwazi ukuyishaja kwiDC charger enamandla angu-95kW. Khona kuthatha imizuzu engu-31 kanti ukuyigcwalisa kwi-AC charger kuyithatha amahora angu-5h50.

I-SE yona inamandla angu-160kW ne-torque engu-330Nm. Bathi kuyithatha imizuzuwana engu-7.1 ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kanti ijubane elikhulu ngu-170 km/h.

Mini Ngaphakathi iMini Aceman ayinabo ubuchakaxhaka bamaphathini

Image: Sithunyelwe

Iyona futhi engiyishayelile eGoli ngesikhathi yethulwa kuleli sonto lapho ebengithi ngiyayinyathela khona ngizwe ikhala umsindo osamculo okutshelayo ukuthi isivinini siyanyuka. Namandla angena ngokushesha. Ngibe nakho ukuyizwa iqinile kancane kwi-suspension nokuyinto abangayithanda abafuna imoto e-sporty okumnandi ukuyishayela ubambe namakhona ngesivinini.

Le mbangi yeVolvo EX30 ne-GMW Ora iyi-crossover ebukekayo. Ibukeka iqoqekile njengoba ubude bayo bungaphezulu kancane kuka-4 metre kodwa inakho ukuvuleka ngaphakathi nokuyinto engizochaza ngayo ngezansi.

Inamalambu angamaLED ekhanyisa ngawo ngaphambili nangemuva bese iba namarimu aphakathi kuka-17 no-19 inch.

Ngaphakathi yize incane kodwa ivulekile njengoba isikhala ebhuthini singu-300 litres futhi uyakwazi ukusandisa sigcine ku-1 005 litres.

Ngaphambili ifana nezinye zakwabo ngokuthi i-dashboard ayisona isikhumba kunalokho isandwangu futhi ihlotshiswe kahle nokuyinto ekhona nasezicabheni.

Kulona ingaphambili kune-screen esikhulu esiyindilinga esineMini Operating System 9.

Mini Aceman IMini Aceman inesikhala esingu-300 litres ebhuthini

Image: Sithunyelwe

Yolapho uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, uveza inkombandlela, uhlela khona imoto njengamazinga okushisa nokunye, udlala umculo ngezipikha zeHarman Kardon, nokunye.

Ezinye izinto enazo ngaphakathi yizimbobo zokushaja iselula nge-USB type C nangaphandle kwentambo futhi okhakhayini.

Ubuchwepheshe nezinsiza zomshayeli enazo zihlanganisa ukuthi ikusize ngokupaka, uyakwazi ukuyivula nokuyivala ngeselula, iyakusiza ukuhlla emzileni, nokunye. 

Intengo:

Mini Aceman E – R800 000

Mini Aceman SE – R892 000

Zifika neMotorplan yemimnyaka emihlanu noma u-100 000km