IMOTO: ISUZU mu-X LSE 4x4
Sekuyiminyaka embalwa iSport Utility Vehicle (SUV) yakwa-Isuzu Motors South Africa, imu-x, iqale ukudayisa eNingizimu Afrika.
Le moto ifike okokuqala ngo-2018 kwabe sekulandela ekhona manje ngo-2021. Imbangi yayo enkulu yiToyota Fortuner ezidlela amahlanga kulesi sigaba.
Ikhona neMitsubishi Pajero Sport kodwa abaningi bayayikhohlwa. IFord Everest yona ngakolunye uhlangothi ayisayibuki iFortuner, nayo imu-X njengembangi, kunalokho isibheke ezingaphezulu njengeToyota Prado.
Iveni i-Isuzu D-Max, imu-X esuselwe kuyo, yenza kahle njengoba ithengwa ubuthaphuthaphu yize iToyota Hilux iqengqeleza phambili.
Imu-X yona ngakolunye uhlangothi ayisondeli nakancane kwiFortuner. Umbiko we-IOL uveze ukuthi ngoMeyi kuthengwe amaFortuner angu-1 018. Imu-X ayiveli ngoba uhla lugcina ezimotweni ezingu-30 okusho ukuthi idayise ngaphansi kuka-217.
Kungenzeka ukuthi ukuba ningi kwezinhlobo zeFortuner, njengoba ziyisikhombisa, kunomthelela. Izinhlobo ze-mu-X zona bezizine kodwa seziyisihlanu ngemuva kokwethulwa kwe-3.0 LSE 4x4. Zizokwanda ngokuqhubeka konyaka uma sekufika ebiza imali ephansi kunamanye i-1.9 LS.
Ukufika kwe-3.0 LSE 4x4 kuqondane nokuthuthukiswa mbijana kwale moto.
Imu-X iyabukeka ngaphandle futhi inombala omusha obizwa ngoNorwegian Blue. Inamalambu angamaLED, amarimu angu-18 inch, ama-side steps nama-roof rails.
Ngaphakathi inesikhala esikhulu sabagibeli nempahla. Empeleni i-wheelbase yayo engu-2 855mm inkulu kuneyeFortuner engu-2 745mm.
Engikuthandayo wukuthi njengoba isikhala sokulayisha singabi sikhulu, ebhuthini evulwa ngogesi, uma izihlalo zivulwe zonke kodwa zilala mba phansi bese siyanda. Azifani nezeFortuner zona ozigoqa eceleni.
Izihlalo ziyisikhumba futhi ezangaphambili zihlelwa ngogesi.
Ngiyakuthanda ukuthi kunenqwaba yezindawo zokubeka izinto njengeziphuzo phakathi nendawo, ezicabheni naphambili kwi-dashboard.
Kuyona i-dashboard kune-touchscreen infotainment system ebukeka isindadlana kodwa ewenzayo umsebenzi. Bengixhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo, ngidlala umsakazo ngiphinde ngibone khona nengemuva uma ngihlehla.
Nabagibeli bangemuva banazo izindawo zokushaja nge-USB ezimbili.
Ikhamera eveza ingaphandle ingenye yezinto ezengeza ukuphepha njengoba iphinde ibe nama-sensor ngaphambili nangemuva asiza uma upaka. Isiteringi sinesisinjwana nokho. Iphinde ibe nokunye okuningi njengeCruise Control, Brake Assist System, Hill Start Assist ukukha phezulu.
Imu-X inenjini engu-3.0 litre turbodiesel enamandla angu-140kW, ne-torque ewu-450Nm. U-gearbox uyi-6 speed automatic. Lo gearbox nenjini kusebenza kahle kuze kungabi khona sidingo sokusebenzisa ama-pedal shifters ngemuva kwesiteringi.
Kuthelawayeka ithula ungayizwa ngisho usubambe u-120km/h uze ubone sekulala umzimba mbijana uma ushaya ijika ukuthi uyashesha. Emigwaqweni enamabhampu uyawezwela ngaphakathi.
Ithangi likadizili lingu-80 litres kanti ihambe idle 8.7l/100km.
Njengoba iyi-4x4 nje, uvalo lokubhajwa eWembezi lapho ebengigudla khona belungekho.
Igabade ilishiye ngo-235mm nokuyinto engaphansi kuneFortuner yona elishiye ngu-279mm.
Intengo:
Isuzu mu-X 3.0 LSE 4x4 – R909 500
Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, iwarranty yeminyaka emihlanu noma u-120 000km ne-roadside assistance kanjalo ne anti-corrorion warranty yeminyaka emihlanu.
Related Topics: