Impilo Yabantu Ezezimoto

Sandiswe ngeWildtrak isibalo samaFord Everest

Intatheli Yazezimoto|Published

IFord Everest Wildtrak yokuqala ngqa

IMOTO: FORD EVEREST

Siyanda isibalo samaFord Everest ngemuva kokuthi iFord yethule izinhlobo ezine ezintsha okukhona kuzo neWildtrak yokuqala ngqa.

Ngesikhathi yethulwa i-Everest ngonyaka odlule kuqale ukudayisa izinhlobo ezimbili kuphela eSport 4x4 nePlatinum. Njengamanje isibalo sizokwandiswa zibe yisithupha.

Kukhona kuzo neWildtrak okuyigama ebelitholakala evenini iRanger kuphela. Ingena ngaphansi kwe-Everest Platinum. Zombili zihamba ngenjini engu-3.0 litre V6 turbodiesel enamandla angu-184kW netorque engu-600Nm. Ugearbox uyi-10 speed automatic futhi amandla uwathumela kuwo womane amasondo.

Ingemuva leFord Everest Wildtrak

Ezinye yi-Everest Sport 4x2 kanjalo neXLT okuyi-4x2 ne-4x4 zonke ezinenjini engu-2.0 Bi-Turbo diesel enamandla angu-154kW.

“Ukwethula iWildtrak kwi-Everest okokuqala kuyasijabulisa ngoba ibe yimpumelelo kakhulu kwiRanger isikhathi esingaphezu kweminyaka engu-10. Igama elithi Wildtrak lisho isitayela, ubuhle, ukuba ntofontofo kanjalo nobuchwepheshe obusiza umshayeli,” kusho uDoreen Mashini oyiMenenja Jikelele yezokuMaketha kwaFord South Africa.

I-Everest Wildtrrak inamaLED headlights, fog lamps namalambu angemuva. Inombala oLuxe Yellow otholakala kuyo kuphela. Ifika namarimu angu-20 inch kodwa uma uthanda ungafaka angu-18 inch nama-all-terrain tyre.

Ingaphakathi le-Everest Wildtrak

Ngakathi inezitishi eziphuzi futhi ineMoon Roof okhakhayini.

Ine-12-inch touchscreen infotainment system esebenzisa iSYNC4A, inobuchwepheshe bezokuphepha okubalwa kubo i-Adaptive Cruise Control, iyakusiza ukuhlala emzileni, iyazipaka, inamakhamera aveza umzimba wonke nokunye.

I-Everest XLT okuyiyo ebiza imali ephansi kwamanye ama-Everest nayo inamaLED headlights, daytime running lights namafog lights.

Ingaphakathi layo licishe lifane ne-Everest Sport nesikhumba esincane ezihlalweni.

Ford Everest XLT

Ine-12 inch infotainment system eneSYNC 4A. Ezokuphepha ziqiniswe ngokuthi isho uma izoshayisa aiphinde ibhreke, iyakusiza ukuhlala emzileni, iyasho uma kunemoto eseceleni, ikhamera namasensor nngemuva nokunye.

Intengo:

Everest XLT 2.0L BiT 4x2 10AT - R832 400

Everest XLT 2.0L BiT 4x4 10AT - R896 300

Everest Sport 2.0L BiT 4x2 10AT - R918 500

Everest Sport 2.0L BiT 4x4 10AT - R984 800

Everest Wildtrak 3.0L V6 4WD 10AT - R1 084 000

Everest Platinum 3.0L V6 4WD 10AT - R1 146 500

Zifika newarranty yeminyaka emine noma u-120 000km, iRoadside Assistancee yeminyaka emine necorrosion warranty yeminyaka emihlanu. Iservice noma imaintenance plan uyifaka uma uthanda.