ISIKHATHI esiningi umbala wemoto ngenye yezinto eziheha abantu ukuthi bathenge leyo abasuke beyicabanga.
Esikhathini samanje abashayeli banenqwaba yemibala edida unwabu abakhetha kuyo kusuka kuma metallic agqamile, matte noma ama-multi-later tri-coat finish.
Yize imibala kuyiyo ehehayo kodwa abashayeli abaningi abazi ukuthi upende wakhiwa ngezindlela ezingafani futhi ukukhetha noma ukulungisa okungewona kungahambisana nezindleko ezicashile ikakhulukazi uma imoto yakho inombala ongajwayelekile.
Imibala yekhethelo efana no-metallic noma e-pearlescent ngokujwayelekile ihambisana nezindleko.
Ungoti kapende kwiSouth African Motor Body Repairers' Association (Sambra) uKevin Abrahams uthe le mibala ingengeza izindleko entweni yemoto entsha. Uthe uma kuza ekuyinakekeleni idinga isineke nokucophelela.
Wenze isibonelo nge-matte athi kunzima ukuyihlanza nokuyivuselela.
"Ilanga, isimo sezulu nokuyiwasha kungenza le mibala yekhethelo igqwale kancane ngokuhamba kwesikhathi futhi uma sekumele ivuselelwe kungaba nzima ukuthola efana nayo ngqo," kusho u-Abrahams.
"Upende wesimanje awukho ngemibala kuphela kodwa unobuchwepheshe. Upende otri-coat ukwenza isibonelo usebenzisa izinto eziningi njenge basecoat ezothile, pearlescent midcoat e-clearcoat ukuze ibe wugqinsi kahle futhi icwebezele. Lokhu kunzima ukukwenza ngaphandle kwemikhiqizo egunyazwe yinkampani eyakha imoto namathuluzi," kuqhuba u-Abrahams.
Uthe kuphinde kube nemibala yekhethelo yezimoto ezithile okuye kwenzeke ingatholakali nokudinga ukuthi ixutshwe lapho kwakhiwa khona imoto nokwengeza izindleko. Uthe upende o-matte kunzima ukuwulungisa.
"Noma yikuphi ukupholisha noma ukuwuhlanganisa kungathikameza izinga ngokujwayelekile okudinga ukuthi uyipende yonke ingxenye noma kokunye uyipende kabusha imoto. Imvamisa imibala ejwayelekile njengomhlophe, osiliva neminye kulula ukuyiqondanisa," kusho u-Abrahams.
Uthe ubuchwepheshe besimanje bokupenda kabusha budinga ubuchule.
"Akuyi ngokupenda umbala obukeka ufanele kodwa kumele usebenzise indlela yokupenda ulandela imigomo yabakhi bemoto futhi uwufake ngendlela upende ozohlala futhi uphephe."
Uthe ubuchwepheshe buhlanganisa i-high-solid ne-ultra-high-solid clearcoats ukuze ubambe ukucwebezela, low volatile organic compound systems ukuze uhambisane nokuphepha kwemvelo nezindlela zokuthi usheshe wome. Ezinye izinkampani zifaka ne-clearcoat ezilungisayo ne-ceramic ukuze ungaklwebheki kalula futhi uhlale.
Uqhube wathi zonke izindawo zokupenda kumele zibe namathuluzi okuqondanisa imibala.
"Noma ngabe unjani upende onawo kodwa kumqoka ukuthi uma imoto yakho idinga ukulungiswa ubuze imibuzo efanele kumshwalense wakho noyilungisayo. Akukhona ukuqondanisa imibala kuphela okubalulekile kodwa izinga likapende nalo libalulekile."
Uthe nansi imibuzo okumele uyibuze ngaphambi kokuthi imoto yakho ipendwe kabusha:
• Ngingakwazi ukukhetha inkampani efunwa yimina ukuthi ilungise? Ungakwazi. Yize inkampani yomshwalense ingakunika isiphakamiso sezinkampani esebenzisana nazo kodwa unegunya lokukhetha eyakho, okungaba kuhle uma kungegunyazwe yiSambra. Kumele ubheke nokuphawula kwabantu ngayo ezinkundleni zokuxhumana kuqala.
• Ngabe kuzosetshenziswa upende ogunyazwe ngabakhi bemoto? Lokhu kuya ngokuthi umshwalense wakho ugunyazeni. Kodwa zonke izindawo ezinemvume yakwaSambra zikunika i-warranty kupende, umsebenzi namaphathi.
• Uma umbala ungameshi noma umsebenzi ubukeka ungekho ezingeni? Unelungelo lokubuyisela imoto koyipendile ukuthi alungise inkinga. Uma kungalungi ngisho esezama okwesibili ungaya kwenye indawo egunyaziwe futhi obezama ukuyilungisa ekuqaleni kungamele akhokhe izindleko.
•Ngabe ukusebenzisa inkampani engagunyaziwe kuzoyithinta intengo engingadayisa ngayo imoto noma umshwalense?
Kungenzeka ngoba ukulungiswa okungekho ezingeni eligunyazwe ngabakha imoto noma ukusebenzisa izinto ezingaphansi ngokwezinga kuthinta intengo ongayidayisa ngayo imoto nezicelo zangomuso zokufuna ukukhokhelwa wumshwalense. Yingakho kubalulekile ukusebenzisa inkampani ethembekile futhi egunyaziwe nelandela imigomo ebekwe yiCompetition Commission.