Ezinsukwini ezedlule ngithole ucingo kobebuza ukuthi yikuphi okumele akwenze emuva kokuba sengozini.
Uma kucacile ukuthi osephutheni wumshayeli obandakanyeka engozini naye, uyakwazi ukufaka isicelo sesinxephezelo kumshwalense wemoto yakhe.
Lokhu kubizwa nge-3rd Party Insurance Claim kodwa kumele uqoqe yonke imininingwane ukuze kungasali mibuzo.
Abazi ngemishwalense bathi nazi ezinye zezinto okumele uzenze:
- Ubufakazi obukhombisa ukuthi ubungekho ephutheni futhi okushayisile abhale isitatimende esifungelwe esigcizelela lokhu.
- Uma kukhona obonile ingozi yenzeka, thola yonke iminingwane yakhe nenombolo yocingo.
- Yonke imininingwane yomshayeli okushayisile njengamagama, inombolo kamazisi, ikheli lakhe nokunye. Uma kungeyena umnikazi wemoto, thola imininingwane yomnikazi.
- Uhlobo lwemoto ahamba ngalo, izinombolo zayo neVIN.
- Igama lomshwalense wakhe nenombolo ye-Policy.
Imininingwane uya nayo esiteshini samaphoyisa ugcwalise isitatimende esibika ngengozi i-Accident Report okuyinto okumele uyenze engakapheli amahora angu-24. Uma kuwukuthi ubulimele wangakwazi ukuyobika kudingeka incwadi kadokotela.
Uma konke lokhu usukwenzile nakhu okumele ukubheke:
- Thola i-quotation yokulungisa imoto yakho.
- Thinta umshwalense wokushayisile uchaze ukuthi uzofaka isicelo sesinxephezelo ngokwe-3rd party claim bese ubanika yonke imininingwane.
- Abomshwalense bathumela ozohlola umonakalo wemoto nokuthi okukwi-quotation kuyahambisana yini nengozi.
- Uma umshwalense usugculisekile ube usuphasisa ukuthi ukhokheleke bese ulungisa imoto.