Impilo Yabantu Ezezimoto

Ngeyabafuna imoto yokunyakaza eshibhile iSuzuki S-Presso

Fanelesibonge Bengu|Published

IMOTO: SUZUKI S-PRESSO

UKUBA kuya ngezinkulumo zabantu, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana, ngabe iSuzuki S-Presso ayithengwa muntu.

Phela yona neRenault Kwid encintisana nayo, zingezinye zezimoto ezihlale zigxekwa ngezizathu ezahlukene.

Eqenisweni iS-Presso inesidingo ngoba yenza impilo ibe lula kulabo asebekhathele ukusebenzisa izithuthi zomphakathi. Nalabo abafuna imoto encane yokuhamba, ikakhulukazi edolobheni, futhi engambi eqolo babheka kuyo iS-Presso.

Ngihamba ngayo ukuba sedolobheni bekungijabulisa ngoba bengichusha kalula noma sekupakwa akuwona umzukuzuku.

Incane kamnandi futhi nesiteringi silula uma ususwaya upaka.

Injini ehamba ngayo ingu-1.0 litre. Amandla ayo angu-49kW netorque engu-89kW. U-gearbox uyi-5 speed oshintshwayo. Nasemgwaqweni ovulekile iyancenga yona kodwa abanye abashayeli bavele bangakuhloniphi uma ucela indlela ufuna ukudlula.

Inawo umsinjwana womoya ngaphakathi.

Ukonga ngezinye zezinto abakhuluma ngazo kakhulu ngeS-Presso. Ibidla amalitha angu-5.3 ngo-100km okuyinto ephansi kodwa engaphezulu kancane kuka-4.6l/100km oshiwo kubo kwayo.

Okusiza ukuthi wonke ukuthi uma umile uyikhipha egiyeni iyacima bese iphinde idume uma usuyifaka futhi.

Ngakwezokuphepha bayifake ama-airbag amabili, ABS brakes, Electronic Stability Programme nokuthi ingahlehli uma usuka endaweni enyukelayo.

Ngokwemiphumela yokuhlolwa ukuphepha ngabeGlobal NCAP ne-Automibile Association of South Africa, inezinkanyezi ezintathu kwezinhlanu zokuphepha kwabagibeli abadala nezimbili ezinganeni.

IS-Presso akuyona imoto ongathi yinhle nokungenye yezinto ezenza abantu bekhulume. NeKwid nayo ayiyinhle.

Izishaya saSUV njengoba igabade ilishiye ngo-181mm.

Ngaphakathi inezinto ozidingayo njenge-touchscreen infotainment system oxhuma kuyo iselula nge-AppleCarPlay/Android Auto. IneBluetooth, amawindi asebenza ngogesi ne-aircon. Isikhala ebhuthini silingana nayo njengoba singesikhulu singu-239 litres.

Intengo:

•S-Presso 1.0 GL Manual – R162 900

•S-Presso 1.0 GL Automated Manual Transmission (AMT) – R176 900

•S-Presso 1.0 GL+ Manual – R169 900

•S-Presso 1.0 GL+ Automated Manual Transmission (AMT) – R183 900

•S-Presso 1.0 S-Edition Manual – R185 900

•S-Presso 1.0 S-Edition Automated Manual Transmission (AMT) – R199 900

Zonke zifika ne-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km nomshwalense wamahhala wonyaka.