IMOTO: VW GOLF 8.5
Ngempelasonto eyedlule kuqale imigubho yeminyaka engu-50 yangena emakethe emhlabeni jikelele.
Yaqala ukudayisa ngoMeyi 1975 futhi idumela layo laze lenza ukuthi ifemu yakwaVolkswagen eNingizimu Afrika inikezwe umsebenzi wokuyikhiqiza.
IPolo yayiyingxenye yezimoto ezintsha zakwaVW ezethulwa ekuqaleni kweminyaka yo-1970.
Indlela yavulwa yiPassat ngo-1973 kwase kulandela iGolf ngo-1974.
Sekunezinhlobo eziyisishiyagalombili zeGolf kusuka yethulwa njengoba kwiPolo ziyisithupha nje.
IGolf 8 yaqala ukuvezwa emhlabeni ngasekupheleni kuka-2019 kodwa kuthe uma ifika eNingizimu Afrika ngo-2021, kwalethwa iGTI kuphela eyabe isilandelwa yiR.
Ngo-2024, ngesikhathi iGolf igubha iminyaka engu-50 yaqala ukudayisa, kwaVW benza iGolf 8 ethuthukisiwe eteketiswa nge-Golf 8.5
Yiyo kanye esilethwe eNingizimu Afrika okuzothi ngokuhamba kwesikhathi ilandele iGTI.
Yize phesheya kunezinhlobo ezahlukene zezinjini okukhona kuzo nengiyikhonzile kadizili kodwa kuleli itholakala kuphela engu-1.4 litre TSI.
Inamandla angu-110kW ne-torque engu-250 Nm. U-gearbox uyazishintsha uyi-8 speed.
Ngihambe amakhilomitha angu-717 ngaphambi kokuthi uphele nya uphethroli ethangini elingu-50 litres. Ngaleso sikhathi ibidla 6.6l/km nokuyinto enhle engekho kude kuno-6.3l/100km oshiwo kubo kwayo.
Emgwaqeni ngiyizwe ithule kahle kungenamsindo otheni ongena ngaphakathi.
Benginqamula ngibheke eDundee emgwaqweni ongemuhle neze kusuka udlula Nkwalini ubheke eVryheid uze uyongena khona.
Kokunye uze ukhethe umgodi ozongena kuwo. Ithanda ukuzwela kancane emigwaqeni emibi ibe mnandi kodwa kwenakekelwa kahle.
Bekulula ukudlula amaloli ngoba amandla iyashesha ukuwathumela emasondweni.
Akusona kodwa ‘isilwane’ njengoba bekusho omunye engibona ngihamba ngayo.
Phela indlela ebukeka ngayo uma ungazi ungadideka uzitshele ukuthi yiR ngenxa yokuthi iyiR-Line Plus.
Ngaphambili i-grillle iyakhanya kanjalo nophawu lakwaVW okokuqala ngqa.
Amalambu angama-IQ Matrix LED Headlights akhanya bha ebusuku. Ngike ngafica izinkomo zigcwele umgwaqo ngavele ngawakhanyisa kakhulu ngazibona zisuka ngenxa yokuxhopheka.
Ngaphakathi uma uke wangena kwiGolf 8 GTI uzowubona umehluko. Owokuqala uwuqaphela esiteringini lapho sekunamabhathini akudala khona kungasekho lawa athambile acwebezelayo amakhasimende ayekhala ngawo.
Ngale kokuciphizeka kalula kodwa ayeshesha ukungcola.
Iphinde ibe ne-screen esikhulu se-infotainment esigqama kamnandi. Sikuvezela lonke ingaphandle, usetha khona imoto okufana namazinga okushisa, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay nokunye.
Ubuhle ngaphakathi bupheleliswa wubukhona be-sunroof nezihlalo eziyisikhumba eziqoshwe uR-Line.
Ebhuthini isikhala silingana nayo njengemoto engenkulu njengoba singu-381 litres kodwa uma sishoda uyakwazi ukufaka i-towbar.
IGolf 8.5 inethuba lokubuyisa udumo lweGolf kwazise izimbangi ezifana neToyota Corolla Hatch zikhona kodwa ziyakhohlwakala njengoba zingeningi emgwaqeni.
Intengo:
Golf 1.4l TSI 110kW Tiptronic R-line+ - R688,100
Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km, service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km ne-anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12.