IMOTO: AUDI Q8
“MUHLE lona.”
Usho kanje umshana wami ebona ngitheleka nge-Audi Q8 kuyena.
Ukube benginesikhulu sakwa-Audi nakanjani besiyomamatheka sizwa lokho ngoba iQ8 ingenye yezimoto ezibeka phambili ubuhle.
Yenzelwe abangenandaba nobukhulu be-Q7, eyakhelwe phezu kwesisekelo esifanayo nayo, kepha abaqhakambisa ubuhle bayo njengoba iyiSUV eyi-coupé edle ngokuba sporty.
Ngesikhathi yethulwa yabe iyiyona mpendulo yakwa-Audi ukuze bangasali ezimbangini njengoba kwaBMW bene-X6 kuthi kwaMercedes-Benz bebe neGLE Coupé.
Muva nje kwa-Audi South Africa bethule ethuthukisiwe ngenhloso yokudoba amakhasimende.
Ngaphandle izinguquko zihlanganisa ingaphambili elishintshiwe kwi-grille.
Ngaphambili futhi ufica amalambu amasha angamaLED avele enze kungabi yinto enqenisayo ukuhamba ebusuku. Phela avele akhanye bha kanti enjalo nje, asikho isidingo sokulokhu uwathinta wena njengomshayeli. Ayazikhanyisa wona kakhulu uma kumnyama aphinde azidimele wona uma kuqhamuka enye imoto ngaphambili ukuze ungamxhophi umshayeli ozayo.
Sengathi okulandelayo manje wukuthi ikwazi nokuhogela ohamba ngezinyawo nakuye ithi ukudima ukuze angaxhopheki.
Ohlangothini ukuba yi-coupé kwayo ukubona kahle. Kodwa okungigqamele kakhulu mina ngamasondo anamarimu angu-23-inch owafaka uma uthanda njengoba yona egaraji iphuma nangu-22 inch.
Awesihamba ngayo amnyama ngoba kuyiBlack Edition eyenza ingaphambili libe mnyama, ama-roof rails namakhava ezibuko.
Ngezansi ngizokuchazela ukuthi ngizwe amasondo amakhulu eyenza ihambe kanjani.
Ngemuva ikhanya kahle nakhona njengoba amalambu ehlangene nasebhuthini.
Njengoba ngibekile ukuthi yakhelwe phezu kwesisekelo esifanayo nese-Q7 lokho ukubona uma ungena ngaphakathi ngoba inkulu. Ilayisha abagibeli abayisihlanu.
Izinga ngaphakathi liphezulu uma ubheka futhi uthinta izinto ezisetshenzisiwe. Izihlalo zangpahambili ziyisikhumba, zihlelwa ngogesi futhi ziyafudumala.
Ababakhohlwanga abagibeli bangemuva ngoba bayakwazi ukuzihlelela amazinga okushisa baphinde babe nezimbobo ezimbili zokushaja nge-USB.
I-dashboard iyacwebezela futhi iyashesha ukubamba ukungcola uma ike yathinteka. Engathi ungahamba nendwangu yakho olokhu usula ngayo kancane. Indwangu leyo ungayibekela nokusula i-screen se-infotainment nesingezansi sokuhlela amazinga okushisa nokubhala lapho oya khona kwinkombandlela ngoba kusebenza umunwe kuphela nakhona iyashesha ukukuceba uma isingcolile.
Noma usuwehlela ngezansi ngasegiyeni nakhona kuyacwebezela kuyangcola. Kuphinde kuthande nokuxhopha uma ugudla endaweni enelanga uphazamiseke kancane njengomshayeli.
Kwi-infotainment kuningi okwenza khona njengokudlala umsakazo, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay, uveza inkombandlela nokunye. Engikuthandayo wukuthi iveza lonke ingaphandle ngamakhamera. Amakhamera asebenza nama-sensor nokwenza kube lula ukupaka kube nzima nokukwebha amarimu njengoba inkulu nje.
Okunye enakho okhakhayini yi-sunroof enkulu.
Ebhuthini isikhala sikhulu singu-605 litres futhi okungichazayo wukuthi uvele uciphize ibhathini yehle uma umfishane bese uyakwazi ukulayisha impahla. Isikhala uma sishoda uciphiza elinye ibhathini bese kuphuma i-towbar nokuyinto oyifihlayo uma ungayithandi.
Ngaphansi kwebhonethi kunenjini engu-3.0 litre V6 turbodiesel enamandla angu-183 kW ne-torque engu-600Nm. Yinjini efanayo noyithola kwiVW Touareg engumzala wayo.
Iyithwala kamnandi ngale kokujuluka njengoba kuyimoto esindayo engu-2 160 Kg
Amandla ayo ayenza ikwazi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-7.0 kanti ijubane elikhulu ngu-220km/h.
Emgwaqeni ihamba kamnandi futhi ayinamsindo otheni womoya ongena ngaphakathi naphezu kokuthi izicabha azinawo ama-frame.
Inakho ukuzwela emigwaqeni engemihle engikholwa wukuthi kudalwa ngamasondo anerabha encane njengoba engu-23-inch nje. Nokho ukuba khona kwe-adaptive air suspension kwenza ikwazi ukukufihlela ubunjalo bomgwaqo igcine intofontofo ngaphakathi.
Amasondo lawa kodwa ayenza inamathele emgwaqeni amakhona bengiwashaya ngesivinini ngale kovalo sengikhohlwe nokuthi ngihamba ngemoto enkulu. Ubukhulu bawo nokuthi idonsa ngawo wonke yikho obekwenza ngizithembe.
Njengoba inethangi likadizili elingu-85 litres nje, ungahamba ngaphezu kuka-900km.
Mina ngihambe cishe ibanga elingu-730km yavela ukuthi isele no-150km. Ngaleso sikhathi ibiphuza 8.3l/100km okuyinto engaqhelile ku-7.8l/100km oshiwo kubo kwayo.
Intengo:
Audi Q8 45 TDI quattro Black Edition - R2,011,700
Iphuma ne-Audi Freeway Plan ehlanganisa i-service ne-maintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.