Audi Q3
Audi Q3

ABAZIYO bathi ikopi elingenalutho yilo elibanga umsindo omkhulu okwedlula lelo eliphethe.

Lokhu kuvele kwafika emqondweni ngizihlalele nesikhulu esiphezulu kwa-Audi South Africa uMnuz Trevor Hill ngoLwesibili ebusuku eKnysna, eWestern Cape. Obekusihlanganisile wumcimbi wokwethulwa kweQ3 entsha okungeyesizukulwane sesibili.

UHill uthe besingekho isidingo sokulokhu bebanga umsindo bazi kahle ukuthi abanalutho. Phela yingoba bebenganazo izimoto ezintsha kanti kulo nyaka nangozayo ziningi abazethulayo.

Uma ngingakukhela phezulu nje, kulo nyaka bethule iRS5 Sportback, Q8 nezinye. Ngesonto eledlule bebesembukisweni wezimoto iFestival of Motoring lapho beveze khona imoto yabo kagesi i e-tron eza ngasekupheleni konyaka ozayo, Audi A1 ezothulwa ezinsukwini ezizayo nezinye izimoto. Ngonyaka ozayo kuza i-A4 ethuthukisiwe, Q7, R8, TTRS nezinye izimoto.

Ngakho uma uzwa umsindo nge-Audi manje abawubangi njengethini elingenalutho kodwa emgodleni wabo kugcwele kuyaphuphuma.

Uma ngibuyela kwi-Q3, lena entsha ikhulile kuneyokuqala. Ubude bayo bande ngo-96 mm kunendala njengoba isingu-4 484mm. Ububanzi bona bunyuke ngo-18mm baba ngu-1 849mm kodwa ukuya phezulu khona kwehle ngo-5mm kwaba ngu-1 585mm.

I-wheelbase yona inwetshwe ngo-77mm yaba ngu-2 680mm.

Lokhu kuyenza ivuleke ngaphakathi ngoba uhlala ngokukhululeka. Ngisho ngemuva isikhala sikahle, amadolo awashayisi ezihlalweni zangaphambili, ekhanda kukhona isikhala kanjalo nasemahlombe.

Isikhala asikho kuphela kubagibeli kodwa nesezimpahla sikhulu. Izihlalo zangemuva ezikwazi ukuqethuka kancane uyakwazi ukuzodonsa ziye phambili mbijana kwande isikhala sebhuthi. Isikhala sigcina ku-1 525 litres uma uzilalisile izihlalo.

Uma uthanda uyakwazi ukuthi ibhuthi ivuleke ngokunyakazisa unyawo ngaphansi nokuyinto esiza uma uphethe izimpahla.

Indlela ebukeka ngayo

I-Q3 entsha yinhle futhi iyakhanga ngenxa yemibala yayo egqamile. Kukhona obomvu, omnyama, oluhlaza okwesibhakabhaka, osawolintshi neminye.

Ngaphambili ine-single frame grille eyi-octagon enkulu. Amalambu ngaweLED futhi ane-indicator ekhanya ngathi idweba ulayini. Uma uthanda uyakwazi ukuthola amaMatrix LED headlights.

Emaceleni isho ngama-criss bese ithi ukuqumba mbijana ngasemuva.

Uyakwazi wena ukuzikhethela ukuthi ibukeke kanjani njengoba kukhona i-standard, Advanced ne-S Line package. Konke lokhu kushintsha indlela ebukeka ngayo, kuya ngawe.

Amarimu ayizinhlobonhlobo ashiyana ngosayizi abaphakathi kuka-17 kuya ku-19 inch.

Ngesikhathi kwethulwa ingane endala yomndeni wamaSUV akwa-Audi, i-Q8, baveza ukuthi izinto ozengezayo sebeziqoqe ndawonye ngamaqoqo ukuze kuzoba lula kumakhasimende. Nakwi-Q3 ngesifanayo. Esikhundleni sokubheka izinto ofuna ukuzengeza eziningi usubheka ngamaqoqo lapho okuhlanganiswe khona ndawonye. Ukwenza isibonelo, uma wengeza iComfort package uzothola izinsiza zokupaka, ibhuthi evuleka ngogesi, izihlalo ezifudumalayo futhi ezisebenza ngogesi nokunye.

Ngaphakathi ngithanda indlela abayakhe ngayo ngaphambili ngoba alukho uxhaxha lwamabhathini. Kunalokho kukhona i-MMI touch display. I-touchscreen ethi ayicishe ifane neye-Q8 okuyilapho udlala khona umsakazo, uveze khona inkombandlela, uveze iselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay okanye i-Android Auto nokunye.

Akufani nakwendala lapho khona iscreen sasizimele phezulu bese kuba nenkinobho yokulawula ngezansi ngasegiyeni.

Ngaphakathi nasezicabheni ukwazi ukuyithola ngombala o grey noma osawolintshi, okhakhayini kune-panoramic sunroof futhi ngaphakathi uyayisetha ukuthi ikhanye kanjani emibaleni engu-30 enayo.

Okunye enakho yi-digital instrument cluster engu-10.25 inch. Uma uthanda nokho ufaka i-Audi virtual cockpit bese uveza izinto ezifana nenkombandlela khona nokunye.

Ziningi izinto ephuma nazo njengeBluetooth, roof rails, amalambu azikhanyelayo uma kumnyama, cruise control, amarimu angu-17 inch nokunye.

Injini nezokuphepha

Njengamanje iQ3 ifika nenjini eyodwa eyi-1.4 kaphethroli edonsa ngamasondo angaphambili. Inamandla angu-110kW ne-torque engu-250 Nm kanti isebenzisa ugearbox ozishintshayo oyi 6-speed S Tronic.

Uma uhamba ngayo la mandla enele akukho lapho ekhalisa khona. No-gearbox ngokunjalo ushintsha kahle ngesikhathi esifanele. Uyashesha ukufaka igiya lesithupha ukuze izokonga nakuphethroli futhi nenjini ingabi namsindo. Ngebanga elingu-100km bathi idla amalitha kaphethroli angu-5.9.

Wena njengomshayeli uyayisetha ukuthi ihambe kanjani kwi-Audi Drive Select. Kukhona uComfort, offroad, Dynamic nokunye. Emgwaqeni intofontofo kanjalo nasobhuqwini iyancenga futhi akuzweli kakhulu ukungasheleli komgwaqo. Uma ishibilika uzwa kungenelela i-traction control ngokushesha.

Ngaphandle kwe-traction control, ezinye zokuphepha enazo zihlanganisa ukuthi izipake, iyaqhaqhazela isiteringi uma iphuma emzileni, ama-airbags ngaphakathi, iyasho ukuthi umoya osemasondweni ungakanani, cruise control nokunye.

Amanani

Audi Q3 35 TFSI S tronic at R565 000

Audi Q3 35 TFSI S tronic Advanced at R585 000

Audi Q3 35 TFSI S tronic S line at R599 000

Ifika ne-Audi Freeway plan yeminyaka emihlanu noma * -100 000km.