KULINDELEKE ukuthi kushube emzuliswaneni wesithupha emncintiswaneni iFalken Polo Cup e-East London Grand Prix ngale mpelasonto.

Ekuqaleni isicoco sakulo nyaka besibangwa ngumpetha uJeffrey Kruger noBradley Liebenberg.

Izinto zijikile ngomzuliswano wesihlanu eZwartkops Raceway ngoJulayi ngesikhathi kubuya umpetha wango-2017, uDevin Robertson.

Udle umhlanganiso emjahweni wakhe wokuqala waphuma endaweni yesibili kolandelayo.

Lokhu kwenze ukuthi uLiebenberg akhuphukele esicongweni ashiye uKruger ngamaphuzu angu-17.

UKruger, ongabanga nomjaho omuhle, ushiya uKeegan Campos osendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-52.

Ngemuva kwalo mjaho kuzobe sekusele imizuliswano emibili ngaphambi kokuthi kusongwe isizini.

INhloko yeVolkswagen Motorsport uMike Rowe ithe abathandi bezimoto base-East London kumele balindele umjaho omnandi.

“Yize uBradley noJeffrey bebezihola phambili kulo nyaka kodwa ukubuya kukaDevin eZwartkops kwenze umjaho waba mnandi kakhulu.”

Umshayeli weVolkswagen Motorsport uJonathan Mogotsi osendaweni ka-10 uzobe ebheke ukuthi anqobe kulo mzuliswano ngoba waba nomjaho omuhle kule nkundla ngonyaka odlule.

Namhlanje kuzoba nomjaho wokuzivivinya bese kuthi umjaho omkhulu ube kusasa.