Kuzokhethwa nengqwele ekushayeni izidudla ngemoto edonsa ngamasondo angaphambili emcimbini iYouth Spinfest ezoba seMasonsmill eMgungundlovu ngoJuni 15.
Lo mcimbi ohlelwa yiTeam 33 kuzobe kungokuka-11 uba khona.
Umsunguli wawo uWanda Mvelase uthe yize umcimbi wabo ungewona umncintiswano kodwa bazoyikhetha inkosi yezimoto ezidonsa ngamasondo angaphambili.
Ngokujwayelekile abashaya izidudla bathanda ezidonsa ngamasondo angemuva.
"Sijwayele ukuthi sibe nezindondo esizinikeza bonke abashayeli abasuke bedlala ngoba asifuni bancintisane. Kulokhu kuzoba nomehluko kodwa kwabahamba ngezimoto ezidonsa ngamasondo angaphambili ngoba akujwayelekile. SinoMtimande noMashaba abahamba ngamaToyota Etios abazobanga indondo enkulu kwaziwe ukuthi ubani inkosi yemoto edonsa ngamasondo angaphambili," kusho uMvelase.
Uthe umcimbi bawusungula ngenhloso yokuthi abantu abasha babe nabakwenzayo ngale kokuba yizigqila zezidakamizwa nobugebengu. Uveze ukuthi yingakho bavula nesikole esifundisa lo mdlalo.
"Isikole siba khona eMasonsmill ngamaSonto. Umuntu ukhokha uR500 bese simfundisa ngeGusheshe lami elifakwe injini yakwaLexus eyiV8. Umdlalo obizayo ngoba injini iyabiza. Namasondo usuke ungadlalanga uma lingakaqhumi," kuchaza yena.
Uthe umcimbi bakhethe ukuwenza ngeSonto ngoJuni 15 ngoba iholidi lingoMsombuluko bafuna abazowuthamela bagoduke ngawo.
Phakathi kwabashayeli abazobe beboshelwe kubalwa uPanjaro, Austin, Eddie Rasta, Kayla, Jabu, Renzo, Mano nabanye abaningi.
"Ngijwayele ukuhambela imicimbi yangaphandle ngase ngikhetha ukubalanda abanye abashayeli ukuthi ngizobethula lapha KwaZulu-Natal. Kunabavela ezindaweni ezahlukene njengase-East London, Pitoli, Qwaqwa, eGoli, eThekwini, Richards Bay, Limpopo, Mpumalanga nakwezinye izindawo. Ngisalinde uSam Sam ukuthi aqinisekise ukuthi uzoba khona yini."
Uthe umcimbi uzoqala ngo-11 ekuseni futhi kungenwa ngo-R100 esangweni.
Khonamanjalo, akuvuthondaba amalungiselelo ombukiso iGas Motorshow ezoba seSuncoast, eThekwini ngoJuni 14 no-15.
Kulindeleke ukuthi kube nemibukiso yezimoto ezahlukene kusuka kwezindala kuya kwezishuniwe, umculo, ukushaywa kwezidudla, izithuthuthu nokunye.
Phakathi kwabaculi abazonandisa kubalwa uKelvin Momo, Tyler ICU, Blendeed SA, DJ Kent, MiCasa nabanye.
Kuzo zombili izinsuku amasango avulwa ngo-9 ekuseni. Amathikithi adayisa eWebtickets ngemali eqala ku-R300.