Impilo Yabantu Ezezimoto

Kuzocaca ngoMeyi nge-2025 SA Car of the Year

Fanelesibonge Bengu|Published

coty IMitsubishi Triton

Image: sithunylwe

KUZOCACA ekuqaleni kukaMeyi, ukuthi yiyiphi imoto ezodla isicoco se-2025 South African Car of the Year njengoba ukuvivinywa kwazo kuphothuliwe kuleli sonto.

Izintatheli ezingamalungu eSouth African Guild of Mobility Journalists (Sagmj) ezaqokwa ukuthi zibe ngamajaji, zihlanganyele eGauteng kusuka ngoMsombuluko kwaze kwaba wuLwesithathu. Umbhali walolu daba ubengomunye wamajaji nobese kungokwesihlanu nonyaka.

Yilapho ebeziyothola khona ithuba lokuhlolisisa ezingu-17 ebese zisele kowamanqamu ngemuva kokuhlungwa emizuliswaneni edlule.

coty ISuzuki Swift

Image: sithunyelwe

Lapha izimoto zihlolwa ziqhathaniswa nezintincisana nazo emakethe hhayi emncintiswaneni bese kuhlanganiswa amavoti, amajaji awafaka ngokwahlukana, kukhethwe ephumelele. Izinto ezibhekwayo kubalwa ukubukeka kwazo ngaphandle, yizinga elakhiwe ngazo, ukuvuleka ngaphakathi nokuthi ziyawufeza yini umsebenzi ezakhelwe wona, ubuchwepheshe bezokuphepha nobusiza umshayeli, izinto ezitholakala kwi-infotainment system, ukwakhiwa kwenjini, yindlela ezibambelela ngayo emgwaqweni endaweni eyomile nemanzi, intengo yazo uma uyiqhathanisa nezimbangi nokunye.

coty Gac Emzoom

Image: sithunyelwe

Izimoto lezi bezihlolwa enkundleni yezimoto zejubane iZwartkops Raceway. Ziphinde zakhishelwa nasemigwaqweni yomphakathi ukuzizwa ukuthi zihamba kanjani. Amajaji bekumele azishayele zonke zowu-17 bese efaka amavoti azo. Iminxa eziqhathwe kuyo ngoweBudget/Compact, Compact Family, Family, Premium, Adventure SUV, 4x4 Double Cab, Luxury nowePerformance okuyilapho zinikwa khona imiklomelo.

Kuba sekukhethwa eziqwaqwade zonke amakhanda.

coty BMW X3

Image: sithunyelwe

Ngonyaka odlule umklomelo wathathwa yiBMW 7 Series, kwathi iSuzuki Fronx yalala isibili.

Sezizonke izimoto ezikowamanqamu yilezi:

  1. BMW 5 Series Sedan
  2. BMW M5
  3. BMW X3
  4. Ford Mustang GT
  5. GAC GS3 EMZOOM
  6. GWM P500 HEV
  7. Jaecoo J7
  8. Mahindra XUV 3XO
  9. Mercedes-AMG C 63 S E Performance
  10. Mercedes-Benz E-Class (E 220d)
  11. MINI Countryman
  12. Mitsubishi Triton
  13. Omoda C9
  14. Suzuki Swift
  15. Toyota Land Cruiser Prado
  16. Volkswagen Tiguan

coty Toyota Land Cruiser Prado

Image: sithunyelwe