Impilo Yabantu Ezezimoto

Kuphinde kwanyuka ukuthengwa kwezimoto ezintsha

Fanelesibonge Bengu|Published

Toyota Urban Cruiser IToyota iqhubekile nokuba yinkampani edayisa kakhulu eNingizimu Afrika ngoFebhuwari

Image: Sithunyelwe

Siphinde senyuka isibalo sezimoto ezintsha ezidayiswe eNingizimu Afrika ngoFebhuwari ngokwezibalo ze-naamsa | The Automotive Council.

NgoJanuwari kwadayiswa izimoto ezintsha ezingu-46 393 okuyisibalo esinyuke ngo-4 375 noma u-10.4% uma kuqhathaniswa noJanuwari 2024.

EzangoFebhuwari izibalo ziphinde zanyuka ngoba kudayiswe izimoto ezingu-47 978. Lokhu kukhombise ukunyuka ngo-3 229 noma u-7.3% uma kuqhathaniswa no-44 749 wezadayiswa ngoFebhuwari 2024.

Ezimotweni ezidayise ngaphandle kwakuleli khona izibalo zehle ngo-4 861 noma u-8.6%. zibe ngu-34 656 ekubeni ngesikhathi esifanayo zazingu-39 517.

Ngokwezinkampani, iSuzuki Auto South Africa iqhubekile ukubambelela endaweni yesibili ngemuva kweToyota South Africa Motors njengoba yenza ngenyanga edlule ihlula iVolkswagen Group South Africa.

Uhla lwezinkampani ezidayise kakhulu lumi kanje:

Toyota - 11 743

Suzuki Auto - 6 044

Volkswagen Group SA - 5 249

Hyundai Automotive South Afrca - 3 074

Ford Motor Company - 2 900

Isuzu Motors South Africa - 2 298

Chery Auto South Africa - 1 924

GWM SA - 1 713

Mahindra - 1 610

Nissan - 1 497

Kia South Africa - 1 491

Renault - 1 466

BMW Group - 1 256

Omoda and Jaecoo South Africa - 772

Stellantis - 501