ISISINDO esengeziwe emalolini siphazamisa ukubambelela kwawo emgwaqweni okuthi uma kuhlangene nokunye kuwenze abe sengcupheni yokugingqika.
Isikhulu seMasterDrive, u-Eugene Herbert, sithe uma lokhu kwenzeka umphumela kube yisibhicongo.
Uthe amaphutha amancane enza umonakalo omkhulu.
“Ngokwenza abashayeli ukuthi baqonde ukuthi ukwenza izinguquko ezilula ekushayeleni kungasiza ukugwema ukugingqika, kubahlomisa ngamandla okukwazi ukubona izimo ezinobungozi bese benza ushintsho bayagwema,” kusho uHerbert.
Uthe uma abashayeli bezwa futhi bebona ukuthi kulula kanjani ukuthi iloli ligingqike, hleze bangacacelwa kahle ukuthi kuncane kanjani okuyiphutha okudala umonakalo.
Uthe nazi izinto ezijwayele ukuba nomthelela:
Ijubane
Ijubane elingenza iloli ligingqike - kuwajele ukuthi kube wukuhluleka ukulehlisa isivinini ezimeni ezithile.
“Ngokwenhlangano yamazwe omhlaba iFederal Motor Carrier Safety Administration, ukugingqika kwamaloli okungaphezu kuka-35% kudalwa wukuhluleka ukulawula isivinini. Kuhlanganisa ukujika amakhona ngejubane eliphezulu, ukuhluleka ukulungisa isivinini, ukulayisha impahla nokunganciphisi kusanesikhathi ngokwesimo somgwaqo. Ijubane yilona mbangela enkulu yokugingqika kwalo ngenxa yokunyakazisa kwalo umthwalo,” kusho uHerbert.
Ukushayela unganakile
Lokhu kwenzeka ngezindlela eziningi.
“Ejwayelekile wukunganaki emgwaqeni nokunciphisa isikhathi osidingayo ukugwema izinto eziyingozi. Kungaba ukushayela kube nokukuphazamisayo noma ukushayela wezela. Ukujikisa isiteringi mawala ngenxa yokunganaki kunobungozi. Njengejubane, ukushintsha ikakhulukazi uma ulayishe mfi kwenza iloli lingabambeleli kahle emgwaqweni bese amathuba okugingqika abe makhulu,” kuchaza uHerbert.
Iphutha lomshayeli
Yiyona nto ejwayelekile eholela ekugingqikeni kwamaloli.
“Ukungafundiswa ngokwanele nokungabi namava uma ubhekana nobungozi noma isimo sezulu esibhedayo kunciphisa ulwazi lomshayeli ukumelana nezingqinamba. Iphutha elifana nokuthi umshayeli angawuqondi umthwalo, ukungabi nesikhala esifanele phakathi kwakhe nemoto ayilandelayo noma ukunganaki kungaba nomphumela ongemuhle.