IMOTO: TOYOTA URBAN CRUISER
IToyota Urban Cruiser ngenye yezimoto eziqale ukuvela ngenxa yobudlelwano beToyota neSuzuki.
Ezinye zezimoto ezivele ngenxa yalobu budlelwano yiStarlet esuselwe kwiBaleno, neVitz esuselwe kwiCelerio.
I-Urban Cruiser ngesikhathi iqala ukuba khona yayisuselwe kwiSuzuki Vitara Brezza. Nokho lokho kushintshile njengoba entsha kuthiwa bayenze ngokubambisana ngesikhathi iSuzuki yakha iGrand Vitara.
Uma uyipha amehlo iyaziveza ukuthi iyimoto entsha ngendlela eyakhiwe ngayo ehlukile kunendala.
Ibukeka inkulu futhi iphakeme kunendala nokuyinto efakazelwa yizinombolo njengoba igabade isilishiye ngo-210mm ekubeni phambilini kwakungu-195mm. Amasondo anamarimu angu-17 inch.
I-wheelbase nayo bayinyuse ngo-100mm yaba ngu-2 600mm.
Lokhu kuyenza ivuleke kahle ngaphakathi. Siya ezintabeni zasoKhahlamba ngayo wonke umuntu ubehleli kahle nangemuva kunesikhala esanele samadolo bengampintshekile.
Ngithe ngivula ibhuthi enesikhala esingu-353 litres, kwaba yinkinga ukuthi ayikhanyi ngibheka izimpahla sekuhwalele .
Ngaphambili yonke into isobala akuthathi sikhathi ukuze uyijwayele. Ufica i-touchscreen infotainment system odlala khona umsakazo, ikukhombisa uphethroli onawo iphinde ikuvezele ingemuva uma uhlehla. Yilapho futhi oxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay. Bekungaba kuhle ukuba ikhona nenye imbobo yokufaka nge-USB ukuze uzoshaja nigweme ukubangisana.
Ngiyakuthanda ukuthi kunezindawo zokubeka izinto njengeziphuzo, amabhathini esiteringini okulawula umsindo ne-cruise control kanjalo nokuthi amawindi asebenza ngogesi.
Kuhle futhi nokuthi izibuko zisebenza ngogesi nokwenza kube lula uma usubheka indawo yokuhlala ngokukhululeka njengomshayeli. Isiteringi okwazi ukusehlisa, usenyuse noma usisondeze naso senza umshayeli ayithole kahle indawo.
Uma usuyifaka emgwaqweni ihamba ngenjini engu-1.5 litre kaphethroli engenayo i-turbo. Le njini ebolekwe kwaSuzuki inamandla angu-77kW ne-torque engu-138Nm. Endleleni ngizwe umsindo womoya uthanda ukuba mkhudlwana. Ibiphinde ilokhu ishintshashintsha amagiya kwazise u-gearbox uyi-4speed automatic. Ukahle lo gearbox uma uvilapha ukushintsha amagiya kodwa uma unyathela ufuna ukudlula nenye imoto iyawehlisa bese idumela phezulu nokunomsindo. Ngokwami kungcono u-gearbox oyi-5 speed manual.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-7.2 ngo-100km okuyinto engaphezulu cishe ngelitha kulo-7.1 oshiwo kubo kwayo.
Emabhampini ibingazweli kakhulu futhi nokuphakama kwenza uwabone kahle. Kuthe kuqala imvula ngaqaphela ukuthi bakhohlwe ukufaka i-wiper langemuva nengingaqondi ukuthi kwenzeke kanjani.
Ngale kwalokho i-Urban Cruiser yimoto ekahle esembangweni nezinye ezifana neHyundai Creta, iSuzuki Grand Vitara nezinye.
Intengo:
Urban Cruiser 1.5 XR AT - R382 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.