Impilo Yabantu Ezezimoto

Kubukeka zizodlula ku-500 000 izimoto ezizodayisa nonyaka

Fanelesibonge Bengu|Published

IZIBALO zokuthengwa kwezimoto ezintsha eNingizimu ngo-Okthoba zikhombisa ukuthi kungaphela unyaka sezingaphezu kuka-500 000 ezidayisile, ngokusho kweWesBank.

INational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa) ithe zibe ngu-45 966 izimoto ezidayisile ngenyanga edlule. Lesi yisibalo esinyuke ngo-4 715 noma u-11.4% uma kuqhathaniswa no-41 251 owadayisa ngo-Okthoba wonyaka odlule.

Isibalo sezidayiswe ngaphandle sinyuke ngo-4 101 noma u-16.1% zaba ngu-29 508 ekubeni ngesikhathi esifanayo nyakenye zazingu-25 407.

INaamsa ithe kuzona zonke izimoto ezingu-45 966 ezidayisiwe, ezilinganiselwa ku-37 983 noma u-82.6% udayiswe emagaraji, ezingu-13.1% zithengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto, u-2.4% wathengwa nguhulumeni kwathi u-1.9% kwaba ngowazo izinkampani.

Okhulumela iWesBank, uLebogang Gaoaketse, uthe lezi zibalo zehle ngo-3.8% uma kuqhathaniswa noSepthemba okuyinyanga ebe ngeyesibili ukudayisa kakhulu kulo nyaka.

“Izindaba ezinhle kodwa ukuthi ukudayisa kudlulile ku-400 000 futhi kubonakala kuzofezeka ukuthi kudayise izimoto ezingaphezu kuka-500 000 kulo nyaka,” kusho uGaoaketse.

Ekuqaleni konyaka isikhulu esiphezulu sakwaToyota South Africa Motors, u-Andrew Kirby, saqagula ukuthi zizoba ngu-540 000 izimoto ezizodayisa kuleli nonyaka.

Kuvalwe inyanga edlule iToyota iqhubeka nokuba yinkampani edayisa kakhulu.

Le nkampani idayise izimoto ezingu-12 574. Ilandelwa yiVolkswagen Group ngo-4 904, Suzuki Auto ngo-4 112, Nissan ngo-3 011 neHyundai Automotive South Africa ngo-2 703.

NgokweWesBank, nazi izimoto ezidayise kakhulu ngo-Okthoba:

Toyota Hilux – 3 336

Toyota Corolla Cross – 2 014

Toyota Urban Cruiser – 1 820

Ford Ranger – 1 807

Isuzu D-Max – 1 802

Suzuki Swift – 1 693