UMA kukhulunywa ngeMini Countryman kusuke kushiwo iMini efeza izidingo ezahlukene iyodwa.
ICountryman ibukeka sengathi incane ngaphandle kodwa ngaphakathi ivuleke kahle okuyenza ingabi nankinga ukuthatha amabanga amade.
Injalo nje kumnandi ukuyishayela futhi iyabukeka. Ukubukeka kwayo kungezinye zezinto ezithuthukisiwe futhi ezihehayo njengoba ishintshwe ingaphambili lonke bayifaka amaLED headlamps namaLED fog lamps efika nawo ngaphandle kokwengeza mali, ngemuva amalambu angamaLED Union Jack, inamarimu amasha nemibala emisha ngaphandle.
Amarimu angu-17 inch kodwa uma uthanda uyakwazi ukuthola angu-19 inch.
Ngesikhathi yethulwa eMidrand ngesonto eledlule, besihamba ngayo sibane. Izikhwama zethu zingene zonke ngaphandle kwenkinga ebhuthini njengoba ingu-450 litre futhi uma ulalisa izihlalo isikhala siba ngu-1 390 litres.
Ngena ngaphakathi, sihlale ngokukhululeka kungekho okhala ngokumpintsheka kwamadolo noma ngokuthi akanasikhala . Umshayeli ubhekana nedigital instrument cluster entsha. Ne-centre cluster bayenze kabusha. Ebesihamba ngayo yiCountryman S ebinezipikha ezigqomayo zeHarmon Kardon.
Ingoma kaFreddie Haochim ethi Winding Roads ibilokhu isho njalo sesihamba emajikeni asemgwaqweni uR454 phakathi kweDullstroom neMashishing eMpumalanga.
Ibinamathele futhi nesiteringi singadingi mandla okuthi uma usijikisa nemoto iye lapho uyikhomba khona.
Injini yeCooper S ingu-2 litre enamandla angu-141kW netorque engu-280Nm. Ugearbox uyisevenspeed dual clutch. Okumnandi ukuthi iyonga njengoba ngo100km bathi isebenzisa amalitha kaphethroli angu-6.7.
Indlela ize yaphelela eHoedspruit, eLimpopo kungekho okhala ngamajaqamba ngenxa yokuhlala ngokukhuleka. Kuphela nje bekushoda amabhethri kumaselula ngenxa yokuthi ezinye izimbobo zokushaya zinembobo ye-USB engu type C.
Ngakusasa sivukele kwiCooper Contryman enenjini engu-1.5 litre enamandla angu-100kW ne-torque engu-220Nm. Nayo isebenzisa ugearbox oyiseven-speed dual clutch. Yona yonga kakhulu kuneCooper S ngoba bathi idla amalitha kaphethroli angu-6.3 ngo-100km.
Ukuhamba ngayo kungenze ngaqonda ukuthi kungani abathengi beyikhonzile njengoba u-30% wezimoto zakwaMini ezithengwayo emhlabeni jikelele kuyiContryman.
Njengoba ngishilo ngenhla, yimoto yokuhamba nsukuzonke, enobuchwepheshe, isikhala esanele ngaphakathi futhi yinhle.
Amanani
MINI Cooper Countryman R599,624.00
MINI Cooper S Countryman R631,004.00