IMOTO: AUDI TT RS
I-AUDI TT RS Coupé neRoadster zithe ukuthintwa lapha nalapha ukuzenza zibukeke kangcono kunaphambilini.
Indlela ezibukeka ngayo yikona kuphela okushintshile njengoba ngaphansi kwebhonethi kusekhona injini engu-2.5 TFSI. Lefive-cylinder ifuqa amandla angu-294kW netorque engu-480Nm. Amandla athunyelwa kuwo womane amasondo wugearbox oyiseven-speed S tronic.
Amandla ayo ayenza ikwazi ukusuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-3.7 kanti ijubane elikhulu ngu-250km/h kodwa uma uthanda liyakwazi ukugcina ku-280km/h.
Izinto ezishintshile yindlela ebukeka ngayo ngaphambili njengakwi logo ye quattro nama air inlets asethe ukuba makhulu. Amarimu angu-20 inch.
Ngemuva kune rear wing entsha. AmaLED headlights afika nayo futhi sekukhona ama matrix OLED reversing lights.
Imibala efika nayo ihlukene kasishayiyagalolunye nokukhona kuyo omusha obizwa ngoKyalami Green.
Ngaphakathi ifika namasport seats esikhumba, RS spot leather steering esinamashift paddles ngemuva kanalo ne-Audi virtual cockpit engu-12.3 inch.
Kukhona iRS design package eyenza ibe bomvu noma ibe luhlaza okwesibhakabhaka kuma air vents, amabhande nomata phansi.
IMMI navigation plus with MMI touch infotainment system ifika nayo ngaphandle kokwengeza mali. Uma uthanda uyakwazi ukufaka izipikha zeBang & Olufsen.
Amanani
Audi TT RS Coupé R1 062 000
Audi TT RS Roadster R1 113 500
Ifika ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.