Impilo Yabantu Ezezimoto

Izindlela zokunakekela imoto nokushayela ebusika

Fanelesibonge Bengu|Published

AMAZINGA okushisa aseqala ukwehla njengoba sekungena ubusika

Image: Sithunyelwe

UBONA ngokushesha kokusithela kwelanga nokwehla kwamazinga okushisa ukuthi buyangenisa ubusika.

Isimo sezulu esibandayo nakanjani sizophazamisa umshayeli nemoto.

Isikhulu seMasterDrive u-Eugene Herbert sithe njalo uma kungena ubusika kumele imoto ihlolisiswe nomshayeli ashintshe indlela enza ngayo.

  • Amakhaza enza uwoyela ushube. Bheka amazinga kawoyela ukuthi asesimeni esikahle yini futhi wenze isiqiniseko sokuthi awugcwele kakhulu ngoba lokhu kungadala izinkinga nakho.
  • Bheka amaloba emoto ngaso sonke isikhathi ngoba amathayi athanda ukuguga kakhulu uma kubanda.
  • Bheka umoya emasondweni. Ngawo wonke u-10⁰C amazinga okushisa ehla ngawo, nomoya ngokunjalo uyehla.
  • Ungajahi ukuyofutha amathayi uma kuvela ilambu lesexwayiso ekuseni kodwa linda umoya ufudumale kuqala.
  •  
  • Bheka ama-windscreen wiper asegugille. Ngisho nasezindaweni ezomile ebusuku kuba namazolo futhi ama-windscreen athanda nokungcola.
  • Bheka amanzi ama-wiper futhi ugade angabi yiqhwa uma amazinga okushisa ephansi kakhulu.
  • Nciphisa ukulimala kwebhethri ngokupaka ngaphakathi uma kungenzeka futhi ugweme ukushiya imoto ipake isikhathi eside.

Indlela yokuzilungiselela njengomshayeli:

  • Qaphela uma amazinga okushisa ehla kakhulu noma lina ebusika esifundazweni sakho: nyusa igebe phakathi kwakho nemoto oyilandelayo, ungayisebenzisi i-cruise control, gwema amanzi ame emgwaqweni futhi shayela ngokucophelela ezindaweni ezijwayele ukuba neqhwa njengangaphansi kwebhuloho.
  • Yehlisa isivinini ezimeni ezinzima njengasemigwaqweni emanzi noma uma kunenkungu.
  • Uma kunenkungu ungawakhanyisi kakhulu amalambu (bright) ngoba ungaxhopheka ungaboni kahle. Kungcono usebenzise ama-fog lights noma uwakhanyise kahle (low beams).
  • Zama ukusebenzisa ama hazard kuphela uma umile.
  • Gwema ukushintsha umzila kungazelelwe noma ukushayela ngendlela abanye abashayeli okungaba nzima ukuthi bakugweme ngokushesha.
  • Bhreka ngokucophelela kusanesikhathi.
  • Nciphisa ijubane emakhoneni.
  • Uma ungakaqali ukukhanyisa amalambu njalo uma uhamba, yenza isiqiniseko sokuthi ayakhanya kusuka manje.
  • Khumbula ukuthi isikhathi sokuphuma nokushona kwelanga sizoshintsha nokungenza ushayele uxhophekile. Gqoka izibuko zelanga futhi ushintshe izikhathi ohamba ngazo ukugwema lokhu.