Impilo Yabantu Ezezimoto

Iyintandokazi i-Ford Ranger eyisekeni

Intatheli Yazezimoto|Published

UCWANINGO olwenziwe yi-AutoTrader mayelana nokuthengwa kwezimoto ezingamasekeni luveza ukuthi iToyota yiyona nkampani edayisa kakhulu yize kungeyona imoto yayo esesicongweni.

Lolu cwaningo, i-2023 AutoTrader Mid-Year Car Industry Report, ngolwezinyanga zokuqala eziyisithupha kulo nyala.

Luveza ukuthi iToyota ihamba phambili ngokudayisa njengoba kuthengwe izimoto zayo ezincane ezingu-28 061.

Intengo yezimoto ezithengiwe (average price) nguR420 021 kanti ibanga ezilihambile (average mileage) lingu-86 373 kuthi unyaka kube ngu-2018 (average model year).

Yize kunjalo kodwa iToyota ayikho sesicongweni uma kubhekwa imoto eyisekeni edayise kakhulu eNingizimu Afrika.

Kunalokho yiFord Ranger. Kudayiswe amaRanger aseke ahamba angaphezulu kuka-9 301.

Lesi sibalo sidlula esezimoto ezidayiswe yiNissan, Audi, Kia neRenault.

Endaweni yesibili kulandela iToyota Hilux bese kuthi i-VW Polo ilale isithathu.

Ohlwini kunezimoto ezivela njengezidayisa kakhulu zingamasekeni kodwa zingabonakali ekudayiseni kakhulu zizintsha okuyiMercedes-Benz C-Class, BMW 3 Series neFord EcoSport.

Izimoto ezintsha ezidayisa kakhulu kodwa ezingaveli ekudayiseni kakhulu zingamasekeni yiToyota Corolla Cross, Toyota Hiace, Toyota Starlet neSuzuki Swift.

Ngokwezinkampani, iToyota idayise kakhulu njengoba kuthengwe izimoto ezilinganiselwa ku-28 061. Ilandelwa yiVolkswagen ngo-22 640 bese kuba yiFord ngo-18 836.