NGESONTO elizayo kuzobe kuhlangana unyaka kwethulwa umangqasha iHyundai i30N, eNingizimu Afrika. Yize kuphela unyaka ikhona kodwa iseyodwa into ekhalisa abantu uma beyibona, yintengo yayo. IHyundai i30N ibiza uR679 900.
Ngicabanga ukuthi okukhalisa abantu wukuthi, kuyaqala ukuthi iHyundai yakhe imoto enejubane ngaphansi kophiko lwayo, lakwaN. Ngale moto basezwa amanzi ngobhoko, futhi itholakala emagaraji akhethekile angu-14 kuleli okubalwa iDurban South, Pinetown, Umhlanga naseRichards Bay.
Izimbangi nazo zicishe zibize njengayo. IGolf GTI TCR ibiza uR675,700 bese kuthi uma ufaka iGolf R yona ibe nguR727 400. KwaHyundai babala iBMW M135i xDrive njengenye yezimbangi kanti ibiza uR797 700, iHonda Civic Type R icela uR771 60 nezinye.
Uma sishiya indaba yentengo eceleni, iHyundai i30 N yimoto eseqophelweni eliphezulu futhi kumnandi ukuyishayela. Ifika nenjini engu-2.0 litre turbo efuqa amandla angu-202kW netorque engu-353Nm. Le njini yenza isuke ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-6.1 kanti ijubane elikhulu ngu-250Nm.
Isebenzisa ugearbox oyi-6 speed oshintshwayo kodwa phesheya sekwenziwa ozishintshayo. Esiteringini kunebhathini lokukhetha ukuthi ihambe kanjani phakathi kuka-Eco, Normal, Sport, N noN Custom.
Ku-Eco noNormal yilapho uhamba khona nsukuzonke kwazise nesuspension ithi ukuthamba namabhampu angawazweli kakhulu. KuSport yilapho iphaphama khona noN bese kuthi uN Custom uzikhethele wena ukuthi ufuna idume kanjani, isiteringi sithambe noma siqine, isuspension iqine noma ithambe nokunye.
Amasondo ayo angu-19 inch ayanamathela emgwaqweni futhi uma ubamba ikhona uphuma uyinhlamvu kwazise ine-Electronically Controlled Limited Slip Differential. Isiteringi sithi ukuqina futhi lapho usikhomba khona uzwa nemoto ibheka khona ngokungananazi.
Uma ushintsha igiya, ikhipha umsindo osakuqhuma ezinqaweni zayo ezimbili ngemuva. Njengoba inamandla nje, engikuthandayo ngayo futhi ukuthi amabhreki ayo abamba thaqa.
Bathi ngebanga lika-100km, iphuza amalitha kaphethroli angu-8.5 ethangini elingu-50l nokuyinto engingakwazanga ukuyiqinisekisa ngenxa yokuthi, ezinsukwini ezimbili engizichithile ngihamba ngayo, unyawo belungathambisi emafutheni.
Ngaphandle iyabukeka futhi ikhasa phansi nokuyinto ebihlupha uma ngiphuma noma ngingena ezindaweni ezingathi ziphakeme kancane. Emasondweni kulunguza amabrake calipers abomvu, amalambu eLED bese ibene-roof spoiler ngemuva.
Ngaphakathi inezihlalo ezikubamba unganyakazi futhi ezihlelwa ngogesi ngaphambili, ishaja iselula ngaphandle kwentambo, touchscreen oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay okanye i-Android Auto, sunroof, nokunye.
Ezokuphepha inekhamera ngemuva namasensor, ama-airbag ngaphakathi, cruise control, Electronic Brake Force Distribution, Electronic Stability Propgram neHill Assist Control.
Njengemoto yokuqala ngaphansi kophiko lukaN eHyundai, i-i30 N yimoto eseqophelweni eliphezulu.
Inani
R679 900
Ifika newarranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km, roadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-75 000km.