Impilo Yabantu Ezezimoto

Iyaheha kwabama-uber nasemindenini iSuzuki Dzire entsha

Fanelesibonge Bengu|Published

ISUZUKI Dzire entsha yize ilingana nendala kodwa inokuningi okuhlukile

Image: Sithunyelwe

IMOTO: SUZUKI DZIRE

IMAKETHE yezimoto ezingama-sedan eNingizimu Afrika isekhona ngokusho kweSuzuki Auto South Africa ngesikhathi yethula iDzire entsha.

Sekuwumlando ukuthi ukudayiswa kwama-sedan kuya ngokuncipha ngenxa yothando lwamaSport Utility Vehicles (SUV).IDzire entsha okuyinhlobo yesine kusuka yaqala ukwakhiwa ngo-2008, yelama efike ngo-2018 kuleli.

ENingizimu Afrika iqale ukudayisa ngo-2014 ifika sekuyinhlobo yesibili kwazise e-India kwase kukhona eyokuqala ngaphambi kwayo.

Ifike yembathe igama leSwift Dzire okuyinto entsha sekulethwa eyedlule.

Noma lishintshile igama kukhishwa uSwift osekuqaleni kodwa kuningi okufanayo kuzona zombili.

ISwift ayisadinge kwethulwa ngoba iyintandokazi ebalwa nezimoto ezidayisa kakhulu eNingizimu Afrika inyanga nenyanga kusuka kufike entsha ekupheleni konyaka odlule.

Ngaphakathi kungathi ungakhetha omunye umbala uma ungelona inono ngoba iyashesha ukungcola

Image: Sithunyelwe

Empeleni ngendlela elula iDzire ngingayichaza njengeSwift eyi-sedan njengoba zombili zakhelwe phezu kwesisekelo esifanayo.

IDzire entsha iyalingana nendala ngokobukhulu yase ishitshwa izinto efika nazo.

Ifika ihlukene ngezinhlobo ezimbili okuyiGA neGL+.I-GA inamasondo anamarimu ensimbi angu-14-inch kuthi iGL+ yona inyathele ngamnyama angu-15-inch alloys.

Konje ukudla kwangeSonto kubizwa ngani? I-'7 colours' noma i-'several colours'? IDzire ihlukene ngemibala eyisikhombisa okhetha kuyona okukhona nopende aba-metallic ongadingi ukuthi wengeze imali uma ukhetha omunye wabo.

Uma ungena ngaphakathi uyabubona ubuhlobo bayo neSwift ngoba zakhiwe ngendlela efanayo. Ngaphambili iGA ayinayo i-touchscreen infotainment system engu-7 inch.

Udlala kuyo umsakazo, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto futhi inekhamera ngemuva. Zonke zinezimbobo zokushaja nge-USB ngaphambili nangemuva, amawindi kagesi, ama-sensor asiza ungashayisi ngemuva uma upaka, ayihlenli uma isuka endaweni enyukayo futhi uyakwazi nokunyusa noma ukwehlisa isihlalo somshayeli.

ISUZUKI Dzire inama-sensor ngemuva asiza ukuthi ungashayisi uma upaka

Image: Sithunyelwe

I-GL+ yengeza iCruise Control nesiteringi esinamabhathini.Yize kungeyona imoto enkulu kodwa ngemuva kuyahlaleka futhi ibhuthi ingu-378 litres.

IDzire yimoto okungaba ngeyemindeni okanye kwabanebhizinisi lokuthutha abantu. Isembangweni wabathengi ngezimoto ongabala kuzo iHyundai Grand i10 sedan neHonda Amaze futhi ibiza ngaphansi kwazo.

Nokho sengathi ungangayikhetha enengaphakathi eli-cream ngoba iyashesha ukungcola.

Elethwe kuleli ayinayo i-sunroof njengaleyo edayisa e-India.

Okunye efana ngakho neSwift yinjini ngaphansi kwebhonethi. Ingu-1.2 litre three-cylinder kaphethroli akuyona i-four-cylinder njengasekuqaleni. Inamandla angu-60kW ne-torque engu-112Nm.

Ngesikhathi siyishayela eGoli sibathathu phakathi ibihamba kahle edolobheni kunesiminyaminya. Uma usuthi ufuna ukugijima uyayizwa ikhathala bese kuphoqa ukuthi wehlise amagiya ukuze ibambe isivinini.

U-gearbox uhllukene kabili kukhona oyi-5 speed manual okanye ozishintshayo oyi-continuously variable transmission (CVT).

Le njini bathi iyonga kuphethroli ngoba idla amalitha angu-4.4l/100km.

Kwezokuphepha abayincishanga ngokuyigaxa ama-airbag ayisithupha, amabhreki e-ABS ne-EBD, Electronic Stability Programme nendawo yokufaka isihlalo sengane.

Empeleni bathi ithole izinkanyezi ezinhlanu ihlolwa amazinga okuvikela abagibeli abahlanu nezine ezinganeni ngokocwaningo lweGlobal NCAP #SaferCarsForIndia.

Intengo:

1.2 GA 5MT - R224,900

1.2 GL+ 5MT - R246,900

1.2 GL+ CVT - R266,900

Zifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km ne-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km.