ABANTU baseNingizimu Afrika bake balinda nokho ngaphambi kokuthi kufike iVW T-Roc njengoba emazweni aphesheya bese kuphele iminyaka emithathu ikhona.
Ifike kuleli ekupheleni konyaka odlule ingakhombisi nakancane ukuthi yimoto esinesikhathi ikhona ngoba ibukeka ngendlela esingakaze sayibona ezimotweni zakwaVW lapha. Ukuba yintsha emehlweni abantu kuyenza baphenduke nayo.
IT-Roc (eyakhelwe phezu kwesisekelo seGolf 7) ifike yaphelelisa umndeni wamaSUV ale nkampani obunjwe yiT-Cross encane, iT-Roc, Tiguan, Tiguan Allspace neTouareg.
Yona indlela ebukeka ngayo ihlukile ngoba izishaya sa coupé. Esihamba ngayo yi-2.0 4MOTION R-line emnyama su.
Inyathela ngamarimu angu-19 inch, ine chrome ngaphambili kwigrille nasemawindini ezinhlangothini.
Uma uke washaya ukhiye kukhanya amaLED daytime running lights (nama headlights amaLED) okuthi ngezansi kwawo kube khona amafog lights.
Okhakhayini bayigaxe ipanoramic sunroof kanjalo namaroof rails.
Emuva inamalambu eLED nophawu olusha lakwaVW nendlela entsha yokubhala ukuthi iyi-4MOTION.
Ngena ngaphakathi izihlalo ziyisikhumba kodwa umbala wazo emaceleni othanda ukuba cream uyakuzwela ukungcola. Bekungaba kuhle ukube mhlawumbe esomshayeli usihlela ngogesi.
Abagibeli bahlala kahle nokho futhi isikhala sempahla ebhuthini singu-392 litres okuthi uma ulalise izihlali sibe ngu-1 237 litres.
Ifaka nezinye izimoto zakwaVW ngaphambili kuphoxa udashboard nasezicabheni nje lapho beyifake uplastiki khona okwenza sengathi uhamba ngemoto eshibhile.
IneDiscover Media eneDiscover Pro satellite navigation engu-8 inch. Uzibonela inkombandlela, uxhume iselula nge-Apple CarPlay okanye i-Android Auto ngaphandle kokuxhuma intambo futhi ubone ingemuva uma uhlehla. Ebesihamba ngayo bayifake nePark Assist esiza ukuthi izipake yona kwi parallel parking.
Ukudlala umsakazo bafake izipikha zeBeats, angazi noma ngihlulwe ukuzisetha yini kodwa ngizizwe zingakhali into etheni.
Njengezimoto zakamuva zakwaVW, ineWe Connect Go eyenza ukuthi ufake i-app kwiselula esiza ukubona imininingwane ngemoto kuyo.
Emgwaqeni ihamba ngenjini engu-2.0 TSI enamandla angu-140kW netorque engu-320Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-7 speed DSG kanti ijubane elikhulu ngu-216km/h.
Emgwaqeni ihamba kahle ayishodi ngamandla futhi ithule ngaphakathi. Uzokuzwela ukubhampa komgwaqo mbijana cishe ngoba amasondo makhulu.
Emakhoneni uya ngokuzethemba kwazise idonsa ngawo womane amasondo.
Okuyikhona engikuthanda kakhulu ngale njini ukonga kwayo uphethroli ngoba ngike ngathatha uhambo olungu-219km yadla amalitha kaphethroli angu-6.1 nokuyinto enhle kakhulu.
Ezokuphepha enazo zihlanganisa i-adaptive cruise control ene-emergency braking nefront assist, iyasho uma kunemoto kwiblind spot futhi iyakusiza ukuhlala emzileni.
IT-Roc iyawadonsa amehlo ngendlela eyakheke ngayo futhi ayibonakali njengemoto enesikhathi ikhona kwezinye izindawo ngenxa yobuchwepheshe bayo. Ukunga kwayo uphethroli kungenye yezinto eziyenza ithandeke.
Intengo VW Y-Roc 2.0 4MOTION R-LINE R593 600.
Ifika neservice plan yeminyaka eihlanu noma u-90 000km ne warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km.