IHAVAL H6 entsha ifika ne-grille namalambu angamaLED ahlukile kuneyakudala
Image: Isithombe: QUICKPIC
IMOTO: HAVAL H6
I-GWM South Africa iyaqhubeka nokudlondlobala emakethe yakuleli okuyinto eyiqale ngo-2007 itheleka.
Kule minyaka engu-18 sebevule amagaraji angu-96. Ukudlondlobala kwabo bakuqhuba ngokwethula iHaval H6 ethuthukisiwe, uFloyd Ramabulana oyinhloko yezokumaketha kwaGWM ayichaza njengegxathu elibalulekile hhayi kuleli kuphela kodwa kule nkampani emhlabeni jikelele.
Uthe balalele zonke izincomo zamakhasimende abo ukwenza izinguquko kule moto eqale ukudayisa kuleli ngo-2021.
Izinguquko zihlanganisa ingaphandle elishintshile kwi-grille nakumalambu angamaLED.
Zonke izinhlobo manje sezifika namarimu angu-19 inch bese kuthi ngemuva bashintsha amalambu angamaLED bawahlukanisa ukuze phakathi nendawo kuzoba nombhalo omkhulu ogqamile ka-GWM.
I-H6 iphinde ibe nemibala ehlukene okhetha kuyo okubalwa nomusha obizwa ngoNoble Gold.
NGAPHAKATHI bayishintshile indlela izinto ebezimi ngayo kuneyaphambilini njengokususa igiya balifake emuva kwesiteringi
Image: Isithombe: QUICKPIC
Izinguquko ziyaqhubeka nangaphakathi lapho kune-screen esingu-14.6 inch oxhuma kusona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo.
Kuphinde kube ne-digital instrument cluster engu-10.25 inch okuthi ngaphezu kwayo kube ne-Head-Up Display.
Ngemuva kwesiteringi yilapho igiya eselinamekwe khona njenge-indicator lisuswa phakathi nezihlalo zangaphambili.
Okunye abakwengezile ngamandla okushaja iselula ngaphandle kwentambo.
Ngaphakathi inkulu kahle kwabanemindeni njengoba nebhuthi, evulwa ngogesi, ingu-560 litres.
Okunye enakho yi-panaromic sunroof, yizihlalo ezisebenza ngogesi ngaphambili, izipikha eziyisishiyagalolunye, Adaptive Cruise Control, Lane Keep Assist, Emergency Braking, namakhamera aveza wonke umzimba ngaphandle.
INGEMUVA leHaval H6 osekugqame kulo igama lakwaGWM
Image: Isithombe: QUICKPIC
Bathi ithole izinkanyezi ezinhlanu ihlolwa ezokuphepha ngabe-ANCAP.
Nangaphansi kwebhonethi izinguquko bazenzile bafaka injini engu-2.0 litre turbo kaphethroli esinamandla athe xaxa ngo-20 kW. Angu-170kW ne-torque engu-380 Nm futhi kukhona edonsa ngamasondo amabili nedonsa ngawo wonke nge-9 speed Dual-Clutch Transmission. Bathi edonsa ngamasondo amabili idla amalitha angu7.4 kaphethroli kuthi edonsa ngawo wonke idle angu-8.3 ngebanga elifanayo.
Siyivivinya eKapa sikhuphuka iSir Lowry’s Pass sehla neFranschoek Pass nasemigwaqeni evulekile ibiveza ukuthi idla amalitha angu-10.4. KwaGWM nokho bathi uma usuthe ukuhamba hamba namaphathi esejwayele ukusebenza indlela edla ngayo iyathuthuka.
Edonsa ngawo wonke amasondo inama-drive mores ahlukene okungu-Eco, Standard, Sport, Snow, Sand no-Off-road.
Injini eyi-hybrid bayibuyisile. Ihlanganisa engu-1.5 litre turbo kaphethroli nekagesi okukhipha amandla angu-179kW ne-torque engu-530 Nm. Yona bathi idla amalitha angu-5.1 ngo-100km.
I-H6 ethuthukisiwe ifike neyi-plug-in hybrid yokuqala iH6 GT PHEV. Kuhlanganiswe injini kaphethroli engu-1.5l turbo nezikagesi ezimbili ngaphambili nangemuva. Uma kuhlanganisiwe kukhipha amandla angu-321 kW ne-torque engu-762 Nm.
Bathi isuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-4.9. Okunye abakugqamisayo wukuthi ungahamba ibanga elifika ku-1 000km uma ishajwe yagcwala nethangi likapehthroli ligcwele kwazise ngogesi kuphela ungahamba 180km. Ibhethri leli lingu-35.3 kWh futhi ukulishaja ngogesi wasendlini kuthatha amahora ayisithupha. KwiDC charger ihora ukuthi ligcwale lisuka ku-5%.
Intengo:
Zifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km, warranty yebhethri kwezingama-hybrid yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-150 000km, service plan yeminyaka eyisikhombisa noma u-75 000km ne-roadside assistance yeminyaka eyisikhombisa.
Related Topics: