IMOTO: TOYOTA FORTUNER
INTANDOKAZI yeSport Utility Vehicle (SUV) ehlale ibalwa nezimoto ezidayisa kakhulu zinyanga zonke eNingizimu Afrika, iToyota Fortuner, ithuthukisiwe ukwenziwa ngcono.
Kusukela yethulwa ngo-2006 le moto elayisha abagibeli abayisikhombisa izitholele indawo ezinhliziyweni zabathengi kuleli.
IFortuner yesizukulwane sesibili yakhiwe kusetshenziswa okuningi okufana neveni lwabo iHilux.
Izinguquko ezenziwe zihlanganisa nokwethulwa kwentsha ebizwa ngeVX, i-2.8 GD-6 VX.
Olunye ushintsho lwenziwe endleleni ebukeka ngayo ngaphambili nakumaBi-LED headlamps.
IVX inechrome ehamba ize iyofika emuva lapho kuneroof spoiler khona.
Imibala iFortuner efika nayo iyisikhombisa isiyonke. I-2.4 GD-6 ifika igqoke amarimu angu-17 inch kuthi i-2.8 GD-6 ize inyathela ngangu-18 inch.
Ngaphakathi ayisenaso isikhumba esinsundu kodwa isimnyama. Ine-instrument cluster eyenziwe kabusha kanjalo ne-8 inch infotainment system. Le infotainment system ikwazi ukuveza iselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay okanye i-Android Auto.
I-2.4 Gd-6 ifika ne Park Distance Control, cruise control, amawindi kagesi, ikhamera ngemuva, nesiteringi osihlelayo ukuthi sime kanjani.
Kwi-2.8 GD-6 kwengezwe isihlalo zikagesi ngaphambili, ama fog lamps ngemuva, isiteringi sesikhumba nesibuko sangemuva esizidimelayo,
IVX inezihlalo ezifudumalayo neToyota Safety Sense system.
Njengezimoto zakamuva zakwaToyota, ineToyota Connect eyenza ibe neWifi ngaphakathi futhi bakupha u-15gb wamahhala. IToyota Connect yenza ukwazi ukubona imininingwane ebalulekile ngemoto kwiselula.
NjengakwiToyota Hilux esanda kwethulwa, amandla enjini enyusiwe ngo-20kW kwi-2.8 GD-6. Manje asengu-150kW netorque engu-500Nm.
Yize amandla enyukile kodwa bathi iyonga njengoba idla amalitha kadizili aphakathi kuka-6.8 no-7.9 ngo-100km.
I-2.4 GD-6 4x4 ikwazi ukudonsa isisindo esingu-3300kg njenge-2.8 GD-6 4x4.
Ezokuphepha zihlanganisa ukuthi ibike uma izoshayisa, isho uma iphuma emzileni, adaptive cuise control, airbag, ABS, EBD, Brake Assist, VSC, Trailer Sway Control neTraction Control kuthi i-4x4 ibe neDownhill Assist Control.
Amanani
Fortuner 2.4 GD-6 RB 6MT - R 566 800
Fortuner 2.4 GD-6 RB 6AT - R 588 000
Fortuner 2.4 GD-6 4X4 6AT - R 616 700
Fortuner 2.8 GD-6 RB 6AT - R 700 100
Fortuner 2.8 GD-6 4X4 6AT - R 770 400
Fortuner 2.8 GD-6 RB VX 6AT - R 720 200
Fortuner 2.8 GD-6 4X4 VX 6AT - R 790 500
Zonke zifika newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km, service plan yamasevisi ayisishiyagalolunye noma u-90 000km.