UTHANDO lwabantu baseNingizimu Afrika abanalo yinto engangatshazwa njengoba ethengwa ubuthaphuthaphu.

Empeleni imoto okuyiyona edayise kakhulu ukuzedlula zonke ngohhafu wokuqala wonyaka kube yiveni. Leyo yiToyota Hilux esaqhubeka namanje ngokuzihola phambili ngokudayisa.

Ngaphezu kokuthi abantu bayayithemba kodwa iphinde ilekelwe nawukuthi inezinhlobo eziningi abathengi abakhetha kuzo. Ngenyanga edlule kuphinde kwanezezelwa kulezi zinhlobo ngokwethulwa kweyekhethelo iGR-Sport. Le moto yakhiwe ngokubambisana neqembu lezimoto zomjaho iGazoo Racing (GR) eladla umhlanganiso kwiDakar Rally.

IGR-Sport yakhiwe phezu kwesisekelo seRaider. Lokhu kusho ukuthi ubude bayo bungu-5 330 mm, i-wheelbase ingu-3 085 mm kuthi ukuya phezulu kwayo kube ngu-1 815 mm. Umhlaba iwushiye ngo-286 mm.

Nokho indlela ebukeka ngayo ihlukile ngoba ishuniwe kancane. Ebesihamba ngayo inombala ogqamile obomvu abawubiza ngo-Arizonia Red. Kwi-grille emnyama iqoshwe uToyota ngegama. Lo mbala omnyama udlulela kubhonethi nokhakhayi. Ngaphambili iphinde ibe namalambu eLED nakhanya ubusuku nemini nawo angamaLED bese kuthi ngezansi kube namafog lamps. Amarimu nawo amnyama angu-17 inch kanjalo nesipele esiphelele. Ngemuva ngeke nhlobo udideke ngoba ibhaliwe igama layo ngamagama amakhulu.

Ngaphakathi imnyama yonke indawo ngaphandle komhlobiso obomvu kwi-dashboad nezitishi ezihlalweni. Njengoba ngishilo ukuthi ngeyekhethelo, lokho ukubona nangasegiyeni lapho iqoshwe khona ukuthi ingeyesingaki kwazise kwenziwe angu-600 kuphela.

Yonke into ihleli kahle ngaphambili okuyi-screen esingu-8 inch lapho udlala khona umsakazo, ubona inkombandlela, indlela ephuza ngayo udizili nokunye. Itouchscreen iyaziwa ngokungcola uma ilokhu ithintwa kodwa okuhle lapha ukuthi bafake namabhathini eceleni kwayo ukuze kuzoba lula. Nasesiteringini kukhona amabhathini okulawula bese kuba khona nawe-scruise control ngezansi.

Angithi yi-4x4, namabhathini eDownhill Assist Control, diff lock neTraction Control (TRC) bawabeke eduze. Nenkinobho futhi yokuhlela ukuthi idonsa ngamasondo amabili okanye womane nayo iseduze.

Abagibeli abahlanu bangena khaxa.

Abaningi ebengihlangana nabo bakhaliswe kakhulu ukuthi injini ayishintshanga. Kuseyiyo i-2.8 GD-6 turbodiesel enamandla angu-130 kW ne-torque engu-450 Nm. Akukho nakancane lapho uzwa khona ukuthi la mandla ayashoda ima isiwathumela ngogearbox oyo-6 speed automatic kodwa okungenzeka ukuthi kuyakhalisa yingoba izimbangi, ikakhulukazi iFord ngesikhathi yenza iRanger eyehlukile iRaptor, yagaxa nenjini entsha. Le njini inamandla athe xaxa kodwa kwaToyota bathi azincintisani lezi zimoto. Bekungaba kuhle nalapha amandla amandla athi xaxa ukuze uzwe ukuthi yimoto yekhethelo ngempela ehlukile kunamanye amaHilux.

Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha angu-8.5 kanti thina sihamba ngayo ibilokhu iphuza ngaphezulu kancane kwamalitha angu-10 ethangini layo elingu-80 litres.

Njengoba injini ingashintshanga nje, into ehlukile yisuspension yayo ethe ukuqina. Yinto oyizwa zisuka le ngoba iyazwela. Lokhu bathi kuyisiza ibambelele nokuyinto oyizwayo uma isobhuqwini futhi nesiteringi sayo siya lapho uyikhomba khona.

Ezokuphepha enazo kukhona i-hill assist control elekelela ekutheni ingahlehli uma usuka endaweni enyukelayo nama airbag ngaphakathi.

IGR-Sport yiHilux, okuyigama abathengi abalithembayo. Ngeke ngithuke uma sekuthiwa sekusele kancane adayise aphele ngoba iyintandokazi yemoto. Ngaphezu kokuyenza yehluke ngendlela ebukeka ngayo, abangasabi kwaToyota abathi thasi kancane namandla, kucace ukuthi ihluke ngempela.

Inani

R707 400.00

Ifika ne-service plan ka-90 000km noma amasevisi ayisishiyagalolunye ne-warranty yeminyaka emithathu noma * -100 000km. Kumele iye kwisevisi njalo ngonyaka noma ngemuva kokuhamba * -10 000km.