IMOTO: AUDI e-tron 55 Sportback
I-AUDI ingenye yezinkampani eziphambili ekwethuleni izimoto ezihamba ngogesi eNingizimu Afrika njengoba kwaziwa ukuthi umhlaba uyashintsha.
Le enkampani yethule izimoto zayo ezibizwa ngama e-tron ngasekuqaleni konyaka odlule. Ayigcinanga lapho kodwa iphinde yafaka isandla ekwandisweni kwezindawo zokushaja ezisalokhu zimbalwa.
Enye yezimoto i-Audi ezidayisayo eNingizimu Afrika yi e-tron 55 Sportback engawuthinti nhlobo uphethroli, noma udizili. Kunalokho inebhethri elingu-95kWh. Bathi uma ulishaje yagcwala ungahamba 450km okuyinto ebingasondeli kuyo ngihamba ngayo ngoba ibinginika okungaphezulu kancane kuka-300km.
Bengigcina ngiyivula nangokuyintshontsha i-aircon ngoba uma uke wayivula lona leli banga belivele linciphe, uthi uma uyicisha linyuke futhi.
Njengoba izindawo zokushaja zingakandi nje, bengiyishaja egaraji layo le nkampani nakwishaja yomphakathi eGateway. Kuya ngendawo oshaja kuyo ukuthi kuthatha isikhathi esingakanani nokuthikubiza malini kodwa akuyona imali etheni.
Uma uyithenga kwa-Audi bakuthumela uchwepheshe ozofike abheke ugesi wakwakho, akufakele nesigubhu sokushaja ngoba yilapho ozobe uyishaja khona kakhulu ekhaya. Bathi ngamahora angu-8 ingakunika ukuthi uhambe 256km.
Ngenxa yokugqoza kwezindawo zokushaja, kusenza umqondo ukuthi uthenge izimoto zikagesi uma uhlala emadolobheni amakhulu noma-ke wazi ukuthi lapho oya khona uzoyifaka kugesi wasendlini kodwa ungeke ujahe ukuphinde uyisebenzise.
Amandla ayo angu-300kW ne-torque engu-664Nm. Bathi isuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-5.7 kanti ijubane elikhulu ngu-200km/h.
Kuyakholakala lokhu ngoba ayichithi sikhahti ukuthi ikunike amandla uma unyathela amafutha.
Ihamba kahle nasemgwaqweni, ithule okuphinde kulekelelwe wukuthi ayidumi.
Ngaphandle iyabukeka futhi uma ungayinakile ungathi yi-Audi ezihambela ngophethroli noma ngodizili. Inamarimu angu-21 inch, amalambu angamaLED bese iba nokhakhayi oluyisasibaca ngemuva.
Okwenza abantu baze bayiqaphele yizibuko ezinhlangothini ezingamakhamera.
Zikuvezela izithombe ngaphakathi ngasezicabheni. Amehlo ahamba azijwayele ngoba ama-screen awekho lapho kuba khona izibuko kodwa kumele uthi ukwehlisa ikhanda mbijana.
Ane-blind spot monitor ukuze uzokwazi ukukala ukuthi ungawushintsha yini umzila ngoba uma kunobungozi kuvela ilambu elisawolintshi. Uma kungenankinga liba luhlaza okwesibhakabhaka.
Ngaphakathi ivulekile njengoba ine-wheelbase engu-2 928mm. Abagibeli abahlanu bahlala kahle nebhuthi ingu-615 litres.
Izihlalo ziyisikhumba futhi zihlelwa ngogesi. Nangemuva uyakwazi ukuzihlela amazinga okushisa nokubanda okuyinto enhle.
Okhakhayini kune-sunroof engenisa kahle ukukhanya ngaphakathi.
Ngaphambili ufica i-audi virtual cockpit. Kukhona neMMI Navigation plus infotainment system eveza inkombandlela futhi uxhuma iselula nge-Apple CarP. Izipikha abazifakile ngezikhala kamnandi zeBang and Olufsen.
I-Audi e-tron 55 Sportback ngeke uze unake ukuthi isibe khona kusuka ngo-2020 kodwa uma uke wangena kwezinye izimoto zezinye izinkampani kuyavela. Kuvela kakhulu ebangeni elihambayo nangentengo ephezulu uma uzoyiqhathanisa neVolvo neBMW.
Intengo:
Audi e-tron 55 quattro s Line Sportback – R2 115 000
Ifika ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.