ITOYOTA RAV4 entsha okulindeleke ukuthi ilethwe eNingizimu Afrika ezinyangeni ezizayo
Image: Sithunyelwe
IMOTO: TOYOTA RAV4
ITOYOTA 'ize nenye' yethula iRAV4 entsha efika nokuningi okuhlukile.
Le SUV umlando wayo usuka KU-1994 nokuthe ngo-2019 kwethulwa inhlobo yesihlanu. Njengamanje sekuvezwe entsha yesithupha ezoqala ukudayisa eJapan ngasekupheleni konyaka kulandele nakwamanye amazwe angu-180 okubalwa kuwo neNingizimu Afrika.
Ushintsho olukhulu okwenziwe wukuthi sekukhona kuphela ezingonhliziyombili ama-hybrid njengoba phambilini bekukhona nenezinjini zikaphethroli engu-2.0 nengu-2.5 litre.
Ezingama-hybrid kukhona ezishajayo iHybrid Electric Vehicle (HEV) neshajwayo iPlug-in Hybrid Electric Vehicle (PHEV).
Yize amandla azo engavezwanga kodwa kuhlaluke ukuthi iPHEV isifakwe i-hybrid system yakamuva yesithupha yakwaToyota. Lokhu kwenza ukuthi linyuke ibanga elihamba ngogesi wodwa lisuka ku-95km laba ngu-150km.
Bathi kwishaja enamandla ingafika ku-80% ngemizuzu engu-30. Okunye wukuthi uyakwazi ukuyisebenzisa njenge-generator uma kuphele ugesi.
ITOYOTA GR Sport entsha
Image: Sithunyelwe
KwaToyota bathi bayithuthukise kakhulu indlela ehamba ngayo obhuqwini ngale kokuthi idle kakhulu.
Baphinde bengeza nobuchwepheshe besimanje i-Arene software. Buhlanganisa i-multimedia system entsha okwaziyo ukuyishintsha ukuthi ibukeke kanjani futhi iyashesha nokuzwa iphimbo ukuze kube lula ukuyitshela ofuna kwenzeke.
Bengeza nezokuphepha njengoba kufakwe iToyota Safety Sense package yakamuva efika ne-Emergency Driving Stop System eyenza ukuthi imoto ime eceleni uma umshayeli engasanyakazi.
NGAPHAKATHI bayifake i-screen esisha bayehlisa ne-dashboard iToyota RAV4 entsha
Image: Sithunyelwe
KwaToyota bathe babheke ukuqhubeka nokuthuthukisa ezokuphepha nendlela imoto esebenza ngayo ngokuthumela izinto nge-internet.
Yize iRAV4 entsha ilingana nendala kodwa ihluke kakhulu indlela ebukeka ngayo. I-dashboard bathe bayehlise ngo-40mm ukuze kubonakale kahle ngaphambili. Kunezindawo zokubeka izinto nokunye.
Isikhala sebhuthi sesingu-749 litres njengoba phambilini besingu-733 litres.
Bayakhe ngezinhlobo ezintathu okuyiCore, Adventure neGR Sport. I-Core ngeyabathanda ukuzihambela edolobhenim i-Adventure yakhelwe abathanda ukuphuma futhi ayinqeni nokungcola ngokungena obhuqwini bese kuthi iGR Sport ishunwe ngobuhle yase ishintshwa ne-suspension ukuze ibambelele kangcono.
Imininingwane yezolethwa kuleli izoqinisekiswa uma isizokwethulwa.