IMOTO: MERCEDES-BENZ GLC
NGESIKHATHI kuvela ithuba lokushayela iMercedes-Benz GLC muva nje, ngijabulise okwengane futhi ngingathi bese kushoda yona ezimbangini zayo ezinkulu ebengingakaze ngiyithinte.
IGLC ibanga kakhulu abathengi neBMW X3, ne-Audi Q5.
Zontathu ngokuhlukana kwazo kukhona lapho ezingajika khona umqondo womthengi ukuthi akhethe enye, kunenye.
I-X3 ngake ngahamba ngayo ngisuka eGoli, ngibheke eThekwini, ngathanda indlela eyonga ngayo kudizili. Ngithe uma ngingena kwiQ5 ngabona ukuthi ukuba khona kwe-adaptive air suspension, kuyenza ihambe kangcono kakhulu kune-X3, eyabe isizitholele indawo enhliziyweni.
Angikutshele nje, ukuthi iGLC ineminyakana ikhona ngoba iqale ukudayisa ngo-2015. Kuthe nonyaka baletha entsha futhi bachaza ukuthi balalele izincomo zamakhasimende ukuze bayenze ibe ngcono.
Ngaphandle ibukeka kahle. Isho nge-grille enkulu enophawu leMercedes olugqamayo futhi inamalambu angamaLED. Amarimu ayo mahle mnyama bese kuba nesitebhisi esisasiliva esimesha nezibambo zezicabha. Lo mbala osiliva umesha nengemuva likabhampa ngezansi.
Uma ungena ngaphakathi, izihlalo ziyisikhumba njengezimbanigi. Isikhala sikhona futhi kunepanoramic sunroof engenisa ukukhanya ngaphakathi. Inkudlwana kancane kunezimbangi ngaphakathi. Empeleni nebhuthi inodedangendlale wesikhala esingu-620 wamalitha. Ngakolunye uhlangothi I-Q5 inesikhala esingu-520 wamalitha, kuthi iX3 ibe nesingu-550 wamalitha.
Ngaphambili kwidashboard ngingathi iX3, neQ5 zithe ukuqinaqina kuneGLC ezwakala ithe ukushibha kancane nokuyinkinga ekhona nakwezinye izimoto zakwabo njengeC-Class.
Uma ungumuntu ongawathandi amabhathini amaningi nokho uzokujabulela ukuba khona kwetouchscreen infotainment system enkulu. Ingichaza ngoba igqame kahle. Ikuvezela inkombandlela, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, uhlela amazinga okushisa, ubona ingaphandle uma upaka nokunye.
Kunamabhathini asesiteringini okwazi ukuyilawula ngayo ukuze ungazisusi izandla njengomshayeli. Amanye amabhathini asesiteringini ngawokuhlela okubona kwidigital instrument cluster, nayo egqame kahle. Athambile kodwa abuye athinteke unganakile.
Ngaphansi kwebhonethi kunenjini engu-2.0 litha turbo kadizili. Inamandla angu-198kW netorque engu-550Nm. Idonsa ngawo wonke amasondo ngogearbox oyi-9G-tronic.
Emgwaqweni ihamba kahle futhi uma uyifake i-air suspension, iX3 isala kude ngokuba ntofontofo. Uyayizwa ukuthi inamandla ngoba kwaMercedes bethi kuyithatha imizuzwana engu-6.3 ukufika ku-100km/h kanti ijubane elikhulu ngu-243km/h. Nokuyinto ethe xaxa kuneX3 neQ5.
Intofontofo impela kodwa itransmission tunnel yenza kungahlaleki ngokukhululeka kahle njengomshayeli.
Kudizili ihambe idla amalitha angu-6.8 ngo-100km.
I-Q5 ngihamba ngayo yayidla 7.8l/100km kanti iX3 yona yayidla 5.9l/100km.
Ezokuphepha ziyinqwaba nokwenza ukhululeke uma uhamba ngayo.
Intengo:
GLC 300 d 4MATIC - R 1,418,350
Zifika neMaintenance Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.