Impilo Yabantu Ezezimoto

Indawo ye-Etios isithathwe yiStarlet kwaToyota

Fanelesibonge Bengu|Published

ITOYOTA iqedile nge-Etios eNingizimu Afrika esikhaleni sayo yethula iStarlet ngesonto eledlule.

Awudideki uma uyifanisa neSuzuki Baleno. Empeleni isuselwe kuyo ngqo yabe isishintshwa lapha nalapha ukuze “kube yiToyota”. ISuzuki neToyota basayine isivumelwano sokusebenzisana futhi iStarlet iwumphumela waleso sivumelwano.

Bathembisa ukuthi kuningi abasazokwenza ngokuhlanganyela ngomuso. IStarlet yimoto eyake yaba khona eminyakeni edlule njengoba isikhuza ibuya nje. Izongena esigabeni se-sub-B segment lapho kukhonya khona iVW Polo Vivo. Ezinye izimoto ezobanga nazo abathengi ngaphandle kweBaleno kubalwa iFord Figo neRenault Sandero.

IStarlet ine-grille sengathi uV ene-chrome. InamaLED namaProjector headlamps namadaytime running lights (DRL). I-chrome ikhona nasezicabheni kanjalo nangemuva. Khona ngemuva futhi kunamalambu eLED.

Njengoba ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyiXi, Xs neXr nezinto efika nazo zihlukene ngezinhlobo.

I-Xi inamasondo angu-15 inch bese kuthi iXs neXr ibe nangu-16 inch.

Ngaphakathi ngithanda ingaphambili elingenalo uxhaxha lwamabhathini. I-Xi neXs zinomsakazo odlala iCD/Bluetooth/USB ne-AUX kuthi iXr, ebesihamba ngayo, ibe ne-touchscreen infotainment system okwazi ukuveza kuyo iselula uma uyixhume ngeCar Play/Andoroid Auto. Iphinde iveze ingemuva uma uhlehla njengoba inekhamera.

Umshayeli naye une-screen esincane kwi-instrument cluster lapho ebona khona imininingwane ngemoto. Esiteringini kunamabhathini okulawula umsakazo ne-cruise control.

Yize ibukeka incane ngaphandle kodwa engikuthandayo wukuthi ivulekile futhi ibhuthi inkulu nokwenziwa wukuthi inesondo eliyisipele elincane. Okunye enakho ngamawindi kagesi, aircon neToyota Connect eyenza ukuthi ibe neWi-Fi ngaphakathi nokuthi ikwazi ukuxhumana ne-App eveza imininingwane yemoto kwiselula.

IStarlet ifika nenhlobo eyodwa yenjini engu1.4 four-cylinder VVT. Ifuqa amandla angu-68kW ne-toruque engu-130Nm. Isebenzisa u-gearbox oyi-5 speed manual kodwa uma uthanda kukhona engu-4 speed ezishintshayo.

Ngo-100km bathi idla amalitha kaphethroli angu-5.4 futhi ithangi lingu-37litres.

Ngishayele iXr eno-gearbox oshintshwayo. Uma uwafunda phansi amandla enjini ungathi mancane kodwa uma usuphakathi uyezwa ukuthi anele hhayi ukuthi iyagijima. Ihamba kahle injalo nje ithule ngaphakathi. No-gearbox wayo uwafaka ngaphandle kwenkinga ngo-100km ibidla amalitha angu-6.

Ngakwezokuphepha ifika ne-ABS, EBD, Bake Assist (BA) neVehicle Stability Control (VSC) kuthi eno-gearbox oyi-automatic ibe neHill Assist Control. Inama-airbag ngaphakathi.Yize kuyimoto ekade ikhona emagaraji akwaSuzuki (Baleno) kodwa nakwaToyota izothengwa ngenxa yokuthi isezingeni. KwaToyota bathembele ekutheni banamagaraji amaningi ukuthi yikho okuzoheha abathengi kodwa ngibheke ukubona ukuthi ngeke yini ibaphazamise abathengi beCorolla Hatch kanjalo neYaris kwazise ithuthuke kakhulu kune-Etios. Inkinga nje wukuthi intengo yayo isithe xaxa kunemoto engena esikhaleni sayo.

Amanani

Starlet 1.4 Xi MT – R204 900

Starlet 1.4 Xs MT – R215 200

Starlet 1.4 Xs AT – R235 700

Starlet 1.4 Xr MT – R258 500

Starlet 1.4 Xr AT – R272 500

Zonke izinhlobo zifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.